IsiLilo Chapter 1
1
Yeka ukuhlala kodwa komuzi owawunabantu abaningi ! Usungumfelokazi owawunezizwe eziningi . Owawuyinkosikazi phakathi kwezifunda usungobuswayo.
2
Uyakhala nokukhala ebusuku , izinyembezi zawo zisezihla thini zawo ; kawunamduduzi phakathi kwazo zonke izithandwa zawo ; bonke abangane bawo bawuphathe ngenkohliso, sebe yizitha zawo.
3
UJuda uthunjiwe ngenxa yokuhlupheka nobugqila obuningi; uhlala phakathi kwabezizwe, katholi ukuphumula; bonke abamzingelayo bamf ica ephakathi kobuhlungu.
4
Izindlela zaseSiyoni ziyalila ngokuba kungeziwa emikhosini emisiweyo; onke amasango achithekile , abapristi balo bayabubula ; izintombi zalo ziyahlupheka, nalo linomunyu.
5
Abamelene nalo sebe yinhloko , izitha zalo zinokuthula , ngokuba uJehova ulihluphile ngenxa yobuningi beziphambeko zalo ; izingane zalo ziye ekuthunjweni ebusweni bezitha.
6
Bonke ubukhosi bumukil e endodakazini yaseSiyoni ; izikhulu zalo sezinjengezindluzele ezingafumani idlelo, zihambile zingenamandla ebusweni babaxoshayo.
7
IJerusalema liyakhumbula ezinsukwin i zokuhlupheka kwalo nezinsizi zal o konke okuhle okwakukhona ezinsukwini zasendulo ; lapho abantu balo bewela esandleni sezitha , kungekho olisizayo , abamelene nalo balibona , bahleka ukuchithwa kwalo.
8
IJerusalema lalonile kakhulu ; ngalokho seliyisinengiso ; bonke ababelidumisa sebelidelel a ngokuba bebone ubunqunu balo ; seliyabubula nalo, libuyela emuva.
9
Ukungcola kwal o kwakusemaphethelweni alo , alikhumbulanga ukuphela kwalo; lehlile ngokumangalisayo, alinamduduzi. Bheka, Jehova, ukuhlupheka kwami, ngokuba isitha sizikhulisile.
10
Isitha selulile isandla sas o phezu kwakho konke okumnandi kwalo , ngokuba sibonile ukuthi abezizwe bangene endlini yalo engcwele, owabayala ukuthi abayikungena ebandleni lakho.
11
Bonke aban tu balo bayabubula , befuna isinkwa sabo ; banika okumnandi kwabo ngokudla ukuba babuyise umphefumulo . Bheka, Jehova, ubhekisise, ngokuba ngiyadelelwa.
12
Akulutho kinina nonke enidlul a ngendlela na ? Bhekani, nibone ukuba kukhona yini ubuhlungu obunjengobuhlungu bami engehlelwe yibo, uJehova angihluphe ngabo ngosuku lokufutheka kwentukuthelo yakhe.
13
Ephezulu ungithumele umlil o emathanjeni ami , wawahlula; wenekele izinyawo zami inetha , wangibuyisela emuva. Ungenze incithakalo, ngiphele amandla usuku lonke.
14
Iziphambeko zami zaboshwa ngesandla sakhe , zaba yijoka ; zalukwa, sezisentanyeni yami; wakhubekisa amandla ami . INkosi inginikele esandleni sabo engingenakumelana nabo.
15
INkosi ilahlile onke amaqhawe ami phakathi kwami ; ingibizele umhlangano ukuphahlaza izinsizwa zami ; iNkosi inyathele njengasesikhamweni sewayini intombi eyindodakazi yakwaJuda.
16
Ngiyakhala ngalokhu; iso lami , iso lami liyamululeka izinyembezi , ngokuba umduduzi wami obeyakubuyisa umphefumulo wami ukude nami . Abantwana bami bachithekile, ngokuba isitha sahlulile.
17
ISiyoni liyelula izandla zalo , akakho oliduduzayo . UJehova uyalile ngoJakobe ukuba abamzungezayo babe yizitha zakhe . IJerusalema linjengesinengiso phakathi kwabo.
18
UJehova ulungile , ngokuba ngihlubukile izwi lakhe . Ake nizwe , bantu bonke, nibone ubuhlungu bami . Izintombi zami nezinsizwa zami ziye ekuthunjweni.
19
Ngazibiza izithandwa zami, zangikhohlisa. Abapristi bami namalunga ami bafela emzini, besafuna ukudla ukuba babuyise umphefumulo wabo.
20
Bheka, Jehova, ngokuba nginosizi; izibilini zami ziyaxhaphazela. Inhliziyo yami iphendukile phakathi kwami, ngokuba ngihlubukile nokuhlubuka. Endle yinkemba eyaphucayo, ekhaya ngukufa.
21
Bezwile ukuthi ngiyabubula , kepha anginamduduzi . Zonke izitha zami zizwile ukuhlupheka kwami ; ziyathokoza ukuthi nguwe okwenzileyo . Ululethile usuku olumemezileyo, kepha ziyakuba njengami.
22
Mabufike bonke ububi bazo ebusweni bakho , wenze kuzo njengokwenza kwakho kim i ngenxa yazo zonke iziphambeko zami , ngokuba ukububula kwami kukhulu, nenhliziyo idangele.