Skip to Content

AmaHubo Chapter 74

1 Nkulunkulu, usilahleleni kuze kube phakade na ? Intukuthelo yakho ithunqelelani izimvu zedlelo lakho na? 2 Khumbula ibandla lakho owalizuza endulo , owalikhulula ukuba libe yisifunda sefa lakho, nentaba yaseSiyoni ohlala kuyo. 3 Lulamisela izinyawo zakho emidilikweni yaphakade ; isitha sone konke endlini engcwele. 4 Izitha zakho zibhongile phakathi kwendlu yakho yokubuthana , zamisa izimpawu zazo zaba yizimpawu. 5 Zaba sengathi abantu baphakamisa amazembe emithini eminyeneyo. 6 Konke okubaziweyo kwayo sezikuphohloze ngembazo nangesando. 7 Zayokhela indlu yakho engcwele ; indlu yegama lakho zayidumaza kwaze kwaba phansi emhlabathini. 8 Zathi enhliziyweni yazo : Masibachithe kanyekanye , zashisa zonke izindlu zokubuthana zikaNkulunkulu ezweni. 9 Izimpawu zethu asiziboni ; akusekho mprofethi ; akakho kithina owaziyo ukuthi koze kube nini. 10 Nkulunkulu, koze kube nini umcindezeli ethuka , isitha sihlambalaza igama lakho njalo, na? 11 Usihoshelani isandla sakho , isandla sakho sokunene, na? Sihoshe esifubeni sakho, uzichithe. 12 Nokho uNkulunkulu uyiNkosi yami kwaphakad e eyenza insindiso emhlabeni. 13 Nguwena owahlukanisa ulwandle ngamandla akho, wachofoza amakhanda ezilo ezesabekayo emanzini. 14 Nguwena owaphohloza amakhanda kaLeviyathani , wamnika abe ngukudla kwezidalwa zasehlane. 15 Nguwena owaqhamukisa isiphethu nomfudlana ; nguwe owomisa imifula egobhoza njalo. 16 Usuku ngolwakho , nobusuku ngobakho ; nguwena owenza ukukhanya nelanga. 17 Nguwena ow amisa yonke imikhawulo yomhlaba ; nguwe owenza ihlobo nobusika. 18 Khumbula lokhu , Jehova, ukuthi isitha sithukile , nesizwe esinobuwula silihlambalazile igama lakho. 19 Ungawunikeli umphefumulo wejuba lakho esilwaneni ; ungakhohlwa ukuphila kwezihlupheki zakho njalo. 20 Khumbula isivumelwano , ngokuba izindawo ezimnyama zezwe zigcwele izindlu zobudlova. 21 Ocindezelweyo makangabuyi ejabhile ; ohluphekayo nompofu mababonge igama lakho. 22 Vuka, Nkulunkulu, uyimele indaba yakho; khumbula ukuthi uklolodelwa yiziwula usuku lonke. 23 Ungakhohlwa izwi lezitha zakho , ukuxokozela kwabakuvukelayo okwenyukela njalonjalo.