AmaHubo Chapter 73
1
Impela uNkulunkulu umnene ku-Israyeli, kubo abanenhliziyo ehlanzekileyo.
2
Kepha mina , izinyawo zami zicishe zakhubeka ; kwaba kancane ukuba izinyathelo zami zishelele.
3
Ngokuba ngaba nomhawu ngabazidlayo, lapho ngibona ukubusa kwababi.
4
Ngokuba abanabuhlungu kuze kube sekufeni kwabo, namandla abo aqinile.
5
Abahlupheki njengabanye abantu; abahlushwa njengabanye abantu.
6
Ngakho-ke iqholo lingumnaka wabo; indluzula ibembesa njengengubo.
7
Amehlo abo aphinqekile ngokunona; imicabango yenhliziyo iyachichima.
8
Bayaklolodela; ebubini bakhuluma ngokukhahla ; bakhuluma besekuphakamemi.
9
Umlomo wabo bawup hakamisela ezulwini ; ulimi lwabo luhambela emhlabeni.
10
Ngakho-ke isizwe sakhe sibuyela lapha ; amanzi amaningi bazimuncela wona.
11
Bathi: UNkulunkulu wazi kanjani na ? Imbala kukhona ukwazi koPhezukonke na?
12
Bheka, laba bayibo ababi; bazinza njalo; bandisa imfuyo.
13
Impela ngiyihlanzele ize inhliziyo yami , ngahlamba izandla zami ngingenacala,
14
ngokuba ngahlushwa usuku lonke; kwasa ngijeziswa.
15
Uma bengithe , ngizakukhuluma kanjalo , bheka, ngabe ngisikhohlisile isizukulwane sabantwana bakho.
16
Kwathi ngic abanga ukuba ngikuqonde lokho , kwaba luhlupho emehlweni ami,
17
ngaze ngangena endlini engcwele kaNkulunkulu , ngaqaphelisisa ukugcina kwabo.
18
Impela ubabeka ezindaweni ezibushelezi; ubawisa babe yincithakalo.
19
Maye, bachithwa ngokuphazima kweso! Bashona, babhubha benovalo.
20
Njengephupho ekuphaphameni , Nkosi, uyakudelela umfanekiso wabo ekuvukeni kwakho.
21
Kwathi inhliziyo yami yaba nomunyu, kuhlaba ezinsweni zami,
22
ngaba yisiphukuphuku, angaqonda lutho; ngaba yisilwane kuwe.
23
Kepha mina ngiyakube ngik uwe njalo ; ungibambile ngesandla sami sokunene.
24
Uyakungihola ngesiluleko sakho, andukuba ungamukele enkazimulweni.
25
Nginobani ezulwini na? Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni.
26
Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela ; nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.
27
Ngokuba bheka , abakude nawe bayakubhubha ; uyabachitha bonke abahlubukayo kuwe ngokuphinga.
28
Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu ; ngenzile iNkosi uJehova ibe yisiphephelo sami, ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho.