Skip to Content

AmaHubo Chapter 72

1 Nkulunkulu, nika inkosi izahlulelo zakh o nendodana yenkosi ukulunga kwakho. 2 Iyakwahlulela isizwe sakho ngeqiniso nezihlupheki zakho ngemfanelo. 3 Izintaba ziyakuletha ukuthula kubantu; kanjalo namagquma, ngokulunga. 4 Izakubahlulela abahluphekileyo kubantu , isindise abantwana babampofu , imphohloze onokhahlo. 5 Bayakwesaba wena , kusekhona ilanga nenyanga , izizukulwane ngezizukulwane. 6 Iyakwehla njengemvula edlelweni, njengesihlambi esimatisa umhlaba. 7 Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza , kuvame ukuthula , ize ingabikho inyanga. 8 Iyakubusa kusukela elwandle kuze kube selwandle , kusukela emfuleni kuze kube semikhawulweni yomhlaba. 9 Abakhe ehlane bayakukhothama phambi kwayo ; izitha zayo zizakukhotha uthuli. 10 Amakhosi aseTharishishi naweseziqhingini ayakuletha izipho ; amakhosi aseSheba naseSeba ayakwethula izipho. 11 Onke amakhosi ayakuziwisa phambi kwayo; zonke izizwe ziyakuyikhonza. 12 Ngokuba iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo , nohluphekayo ongenamsizi. 13 Iyakuhawukela odangeleyo nompofu ; iyakusindisa imiphefumulo yabampofu. 14 Iyakukhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni ; igazi labo liyakuba yigugu emehlweni ayo. 15 Iyakuphila, bayinike igolide laseSheba , bayithandazele nja lo, bayibusise lonke usuku. 16 Kuyakuba khona inala kakolweni ezwen i esiqongweni sezintaba ; ukudla kwalo kuyakuhashazela njengeLebanoni ; abemizi bayakukhahlela njengotshani bomhlaba. 17 Igama layo liyakuma kuze kube phakade ; igama layo liyakuxhanta , lisekhona ilanga; bayakuzibusisa ngayo; bonke abezizwe bayakuthi ibusisiwe. 18 Makabongwe uJehova uNkulunkulu , uNkulunkulu ka -Israyeli, onguye yedwa owenza izimangaliso. 19 Malibongwe igama lakhe lenkazimulo kuze kube phakade, umhlaba wonke ugcwale inkazimulo yakhe. Amen, Amen. 20 Imikhuleko kaDavide indodana kaJese isaphelile.