Skip to Content

AmaHubo Chapter 71

1 Jehova, ngiyethemba wena; mangingajabhi naphakade. 2 Ngikhulule ngokulunga kwakho , ungihlangulise; beka indlebe yakho kimi , ungisindise. 3 Yiba kimi idw ala lokuhlala , ukuze ngiye kulo njalonjalo ; ukuyalezile ukusindiswa kwami, ngokuba uyidwala lami nenqaba yami. 4 Nkulunkulu wami , ngikhulule esandleni somubi , esandleni songalungile nesonakeleyo. 5 Ngokuba wena uyithemba lami , Nkosi Jehova, ithemba lami kwas ebusheni bami. 6 Ngencike kuwe kwasesiswini ; nguwe owangikhipha ezibilinini zikamame ; ukudumisa kwami kuyakuba ngawe njalo. 7 Nginjengesimangaliso kwabaningi , kepha wena uyisiphephelo sami esinamandla. 8 Umlomo wami uzakugcwala ukubonga wena , nalo udumo lwak ho usuku lonke. 9 Ungangilahli esikhathini sobudala, ungangishiyi ekupheleni kwamandla ami, 10 ngokuba izitha zami zikhuluma ngami, nabawuhlomele umphefumulo wami bayahlebelana, 11 bathi: UNkulunkulu umshiyile ; zingelani nimbambe , ngokuba akakho osindisayo. 12 Nkulunkulu, ungabi kude nami; Nkulunkulu, phuthuma ungisize. 13 Abamelene nomphefumulo wami mabajabhe , baphele; abangifunela umonakalo mabembathe amahloni nenhlamba. 14 Mina kodwa ngiyakwethemba njalo , ngengeze ukudumisa ekudunyisweni kwakho. 15 Umlomo wa mi uyakulanda ukulunga kwakho , nensindiso yakho lonke usuku; ngokuba anginakukubala. 16 Ngiyakuletha izenzo ezinqabileyo zeNkosi uJehova ; ngiyakubonga ukulunga kwakho, okwakho kuphela. 17 Nkulunkulu, ungifundisile kwasebusheni bami ; ngizilandile izimangaliso zakho kuze kube manje. 18 Futhi mawungangishiyi, nxa ngimdala, ngiyimpunga, ngize ngishumayele ingalo yakho kuso isizukulwane, amandla akho kubo bonke abezayo. 19 Ukulunga kwakho, Nkulunkulu, kufinyelele ezulwini; wena owenze izinto ezinkulu, Nkulunkulu, ngubani onjengawe na? 20 Wena owasizwisa izinhlupheko eziningi ezimbi , uyakubuye usiphilise , usikhuphule ezinzulwini zomhlaba. 21 Yandisa udumo lwami, ubuye ungiduduze. 22 Yikhona nami ngizakububonga ubuqotho bakho , Nkulunkulu wami , ngogubhu lwezintambo ; ngizakukudumisa ngehabhu wena oNgcwele ka - Israyeli. 23 Izindebe zami zizakujabula , ngokuba ngizakukudumisa wena , nomphefumulo wami owuhlengileyo. 24 Ulimi lwami futhi luzakukhuluma lonke usuku ngokulunga ; ngokuba badunyaziwe, bajabhisiwe abangifunela umonakalo.