UJobe Chapter 33
1
Kepha manje, Jobe mawuzwe amazwi ami,
2
Bheka-ke, sengivula umlomo wami ; ulimi lwami lukhuluma emlonyeni wami.
3
Amazwi ami avela enhliziywen i yami eqotho ; okwaziwa yizindebe zami ziyakukhuluma ngesiminya.
4
Umoya kaNkulunkulu ungenzile , nokuphefumula kukaSomandla kunginika ukuphila.
5
Uma ukwazi, ngiphendule; zihlele phambi kwami, ume.
6
Bheka, nginjengawe maqondana noNkulunkulu : ngibunjiwe nami ngebumba.
7
Bheka, ingebhe ngami ayiyikukugebhezisa, nesandla sami esiphezu kwakho asiyikukusinda.
8
Impela wakhuluma ezindlebeni zami , ngezwa izwi lokukhuluma kwakho ukuthi:
9
Ngimsulwa, anginasiphambeko; ngimhlophe, akukho okubi kimi.
10
Bheka, uthola amathuba ngami, ungishaya isitha sakhe.
11
Ufaka izinyawo zami ezingongolweni, aqaphele zonke izindlela zami.
12
Bheka, ngiyakuphendula ukuthi awuthethanga kahle lokho , ngokuba uNkulunkulu mkhulu kunomuntu.
13
Umphikiselani ngokuthi: Akaphenduli nelilodwa lamazwi ami.
14
Ngokuba uNkulunkulu ukhuluma kanye , yebo, nakabili, umuntu engakunaki.
15
Ephusheni nasembonweni wasebusuku , lapho abantu behlelwe ngubuthongo obunzima, bozela emacansini,
16
khona uyavula izindlebe zabantu, abeke uphawu ekufundisweni kwabo,
17
ukuze aphambukise umuntu ekwenzeni kwakhe , anqume ukuzidla kumuntu;
18
unqanda umphefumulo wakhe ekubhujisweni , nokuphila kwakhe ukuba kungachithwa ngomkhonto.
19
Uyajeziswa ngobuhlungu nasecansini lakhe , nangokulwa okungapheliyo emathanjeni akhe.
20
Inhliziyo iyanengwa ngukudla, nomphefumulo wakhe uzonda ukudla okade ukufisa.
21
Inyama yakhe iyadliwa , ingabe isabonwa ; amathambo akhe akade engabonakali aseqhamukile.
22
Umphefumulo wakhe uyasondela egodini, nokuphila kwakhe kubabulali.
23
Uma kukhona ingelosi kuy e, nehumusha noma yiliphi enkulungwanen i lokuba litshele umuntu okumlungeleyo,
24
uNkulunkulu abeseba nomusa kuye , athi: M khulule ukuba angehleli egodini, sengitholile ihlawulo,
25
inyama yakhe ibe ntsha kuneyomntwana, abuyele emihleni yobusha bakhe,
26
khona uyakunxusa uNkulunkulu ukuba abe nomusa kuye , abone ubuso bakhe ngokujabula, abesebuyisela kumuntu ukulunga kwakhe.
27
Usehlabelela phambi kwabantu , uthi: Ngonile, ngahlanekezela ukulunga , kepha akwenziwanga kimi njengokufaneleyo:
28
uhlengile umphefumulo wami ukuba ungadluleli egodini ; ngiyakubona ukukhanya ngiphila.
29
Bhekani, konke lokhu uNkulunkulu uyakwenza kabili, yebo, kathathu kumuntu
30
ukuba abuyise umphefumulo wakhe egodini , akhanyiselwe ngokukhanya kwabaphilayo.
31
Yizwa, Jobe, ungilalele; thula, mina ngizakukhuluma.
32
Uma unamazwi, ngiphendule; khuluma, ngokuba ngifisa ukukuthethelela.
33
Uma ungenawo, ngilalele wena; thula, ngiyakukufundisa ukuhlakanipha.