Skip to Content

UJobe Chapter 32

1 Lawo madoda amathathu ayeseyeka ukumphen dula uJobe , ngokuba wayelungile emehlweni akhe. 2 Lwase luvutha ulaka luka -Elihu, indodana kaBarakeli , umBuzi womndeni kaRamu; ulaka lwakhe lwavuthela uJobe , ngokuba wazithetha yena kunoNkulunkulu. 3 Ulaka lwakhe lwavuthela nabangane bakhe abathathu , ngokuba noma bengafumananga impendulo, bamlahla nokho uJobe. 4 U-Elihu wayelindele ukukhuluma kuJobe , ngokuba bona babebadala kunaye. 5 Lapho u-Elihu esebona ukuthi ayikho impendulo emilonyeni yalawo madoda amathathu, lwavutha ulaka lwakhe. 6 U-Elihu, indodana kaBa rakeli, umBuzi, wayesethatha-ke, wathi: Mina ngisemusha ngeminyaka, nina nibadala; ngalokho nganginamahloni, ngesaba ukunitshela umqondo wami. 7 Ngathi: Makukhulume izinsuku, ubuningi beminyaka bazise ukuhlakanipha. 8 Nokho kukhona umoya kumuntu ; ukuphefumula kukaSomandla kuyabaqondisa. 9 Abakhulu abahlakaniphile, nabadala abaqondi ukwahlulela. 10 Ngalokho ngithi: Ngizweni; nami ngiyakusho umqondo wami. 11 Bhekani, ngilindele amazwi enu , ngabeka indlebe emiqondweni yenu , nisaphenya eniyakukusho. 12 Nganilalela nina; bhekani, kwakungekho noyedwa owamahlula uJob e nowaphendula amazwi akhe phakathi kwenu. 13 Maningasho ukuthi : S ifumene ukuhlakanipha ; uNkulunkulu angamphengulula, hhayi umuntu. 14 Akahlelelanga mina amazwi akhe; angiyikumphendula ngezinkulumo zenu. 15 Bayakhungatheka, abasaphenduli; baphelelwa ngamazwi. 16 Ngibalindele yini, uma bengakhulumi, na? Ngokuba bemi bengasaphenduli. 17 Nami ngiyakuphendula okwami, ngitshengise nami umqondo wami. 18 Ngokuba ngigcwele amazwi; umoya phakathi kwami uyangiqhubezela. 19 Bhekani, okuphakathi kwami kunjengewayini elingenambobo ; kucishe ukuqhuma njengezimvaba ezintsha. 20 Ngiyakukhuluma ukuba ngikhululeke ; ngiyakuvula izindebe zami ukuba ngiphendule. 21 Mangingakhethi ubuso bamuntu, ngingathophi nobani. 22 Ngokuba angikwazi uku thopha; uma kunjalo , uMenzi wami angangisusa masinyane.