Skip to Content

AmaHubo Chapter 17

1 Yizwa ukulunga , Jehova, ulalele ukukhala kwami , ubeke indlebe emkhulekweni wami ophuma ezindebeni ezingenankohliso. 2 Ukwahlulelwa kwami makuvele ebusweni bakho ; amehlo akho mawabheke okulungileyo. 3 Uyalinga inhliziyo yami; ungihambele ebusuku, uyangihlolisisa, awufumani lutho; ngiyahlosa ukuba umlomo wami ungaphambuki. 4 Emisebenzini yabantu ngiyazilinda , ezindleleni zezidlova ngezwi lezindebe zakho. 5 Izinyathelo zami zinamathela ezinyaweni zakho, izinyawo zami azisheleli. 6 Ngikhala kuwe, ngokuba uyangizwa, Nkulunkulu; beka indlebe yakho kimi , uzwe izwi lami. 7 Bonakalisa isihe sakho esimangalisay o wena osindisa ngesandla sakho sokunene labo abaphephela kuwe kwababahlaselayo. 8 Ngigcine njengenhlamvu yeso, ungisithe ethunzini lamaphiko akho 9 kubo ababi abangilimazayo, kuzo izitha zokuphila kwami ezingihaqileyo. 10 Bavalelwe ngamanoni abo, bakhuluma ngokuzidla ngomlomo wabo. 11 Noma siyaphi , bayangizungeza; amehlo abo bawabhekisa kukho ukungiwisa phansi emhlabathini. 12 Unjengengonyama ehahela ukubamba , njengebhongo lengonyama elilele ezindaweni ezisithekileyo. 13 Vuka, Jehova, umhlangabeze, umwise phansi; sindisa umphefumulo wami komubi ngenkemba yakho, 14 nakubantu ngesandla sakho , Jehova, abantu baleli zwe abasabelo sabo sikulokhu kuphila, nabasisu sabo usigcwalisa ngengcebo yakho, nabashiyela izingane zabo okusele kubo. 15 Kepha mina ngiyakubuka ubuso bakho ekulungeni , ngisuthe ngesimo sakho ekuvukeni kwami.