Skip to Content

AmaHubo Chapter 18

1 Ngiyakuthanda, Jehova, mandla ami. 2 Jehova uyidwala lami , nenqaba yami , nomkhululi wami ; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo , nesihlangu sami , nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo. 3 Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo, ngisindiswe ezitheni zami. 4 Izintambo zokufa zangizungelezela, izikhukhula zokona zangethusa. 5 Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza, izihibe zokufa zangehlela. 6 Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJe hova, ngakhala kuNkulunkulu wami ; walizwa izwi lami esethempelini lakhe ; ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe. 7 Umhlaba wawusuzamazama, wadikizela; izisekelo zezintaba zathuthumela, zagubhuzela ngokuba ethukuthele. 8 Kwenyuka umusi emakh aleni akhe , nomlilo odlayo emlonyeni wakhe ; amalahle avutha kuye. 9 Wathobisa izulu, wehla; ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe. 10 Wakhwela phezu kwekherubi, wandiza; washweza ngamaphiko omoya. 11 Ubumnyama wabenza isisibekelo , idokodo lakhe elimphahlayo ; amanzi amnyama, amafu anzima. 12 Ekukhazimuleni okuphambi kwakh e amafu akhe abanga phambili , isichotho namalahle avuthayo. 13 UJehova waduma ezulwini; oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe : isichotho namalahle avuthayo. 14 Wathuma imicibisholo yakhe , wabangquzula, nemibani eminingi , wabadidizelisa. 15 Kwase kubonakala imisinga yamanzi ; izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sakho, Jehova, ngokufutha komoya wamakhala akho. 16 Waselula isandla sakhe ephezulu , wangibamba; wangikhipha emanzini amaningi. 17 Wangophula esitheni sami esinamandl a nakubo abangizondayo, ngokuba base bengahlulile. 18 Bangihlasela ngosuku lwesigemegeme sami , kepha uJehova waba yinsika yami. 19 Wangiphumisela endaweni ebanzi ; wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami. 20 UJehova wangivuza ng okokulunga kwami ; wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami. 21 Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova , angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga. 22 Ngokuba yonke imithetho yakhe yayiphambi kwami , nezimiso zakhe angivumanga ukuba zisuke kimi. 23 Ngangiphelele kuye; ngabuxwaya ububi. 24 UJehova wayesebuyisela kimi njengokulunga kwami , njengokuhlanzeka kwezandla zami phambi kwamehlo akhe. 25 Kothembekileyo uyazibonakalisa uthembekile ; kumuntu oqotho uzibonakalisa uqotho; 26 kohlanzekileyo uyazibonakalisa uhlanzekile; koyisigwegwe uyazibonakalisa unenkani. 27 Ngokuba wena uyabasindisa abantu abathobekileyo , kepha amehlo abaqhoshileyo uyawathobisa. 28 Ngokuba wena uyokhela isibani sami ; uJehova uNkulunkulu wami uyakhanyisa ubumnyama bami. 29 Ngokuba ngawe n gingahlasela impi ; ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange. 30 Indlela kaNkulunkulu iphelele ; izwi likaJehova lihlanzekile ; yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye. 31 Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova , ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na? 32 uNkulunkulu ongibhincisa amandla, owenza indlela yami ilunge; 33 owenza izinyawo zami zibe njengezendluzelekazi , angimise emagqumeni ami; 34 ofundisa izandla zami ukulwa , ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi. 35 Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho , isandla sakho sokunene singisekele, nobumnene bakho bungikhulisile. 36 Amabanga okunyathela kwami uwandisile; amaqakala ami awaxegi. 37 Ngazixosha izitha zami, ngazifica; angibuyanga ngingakaziqedi. 38 Ngaziphahlaza, zaze zahluleka ukuvuka; zawa phansi kwezinyawo zami. 39 Wangibhincisa amandla okulwa ; ababengivukele wabathobisa phansi kwami. 40 Wangifulathelisela izitha zami, nabangizondayo ngabaqothula. 41 Bakhala, kepha akubangakho osindisayo , nakuJehova, kodwa akaze aphendula. 42 Ngabacolisisa njengothuli emoyeni; ngabalahla njengensila ezitaladini. 43 Wangikhulula ezimpini zabantu ; wangimisa ngaba yinhloko yabezizwe ; abantu engingabaziyo bangikhonza. 44 Banele ukungizwa nje ngendlebe, base bengilalela; abafo bazithoba phansi kwami. 45 Abafo babuna, baphuma ezinqabeni zabo bethuthumele. 46 UJehova usekhona , malidunyiswe iDwala lami ; makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami, 47 uNkulunkulu onginikile impindiselo, wathobisa izizwe phansi kwami; 48 ongikhululile ezitheni zami , yebo, ongiphakamisile phezu kwabangivukelayo, wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu. 49 Ngalokho-ke ngizakukubonga phakathi kwabezizwe , Jehova, ngilihubele igama lakho. 50 Uyenza insindiso ibe nkulu enkosini yakhe ; uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavide nasenzalweni yakhe kuze kube phakade.