Skip to Content

AmaHubo Chapter 31

1 Ithemba lami ngilibeka kuwe Jehova ; mawungangijabhisi naphakade ; ngikhulule ngokulunga kwakho. 2 Beka kimi indlebe yakho , ungophule masinyane , ube yidwala eliqinileyo kimi, indlu yezinqaba yokungisindisa. 3 Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami ; ngenxa yegama lakho uyakungihola, ungiqondise. 4 Uyakungikhipha enetheni abangicuphe ngalo, ngokuba wena uyinqaba yami. 5 Ngibeka umoya wami esandleni sakho ; uyangihlenga, Jehova Nkulunkulu othembekayo. 6 Ngiyabazonda abakhonza onkulunkulu abayize , kepha mina ngithemba uJehova. 7 Ngizakwethaba, ngijabule ngomusa wakho , ngokuba ukubonile ukuhlupheka kwami, wazinaka izinsizi zomphefumulo wami; 8 awunginikelanga esandleni sesitha , wazimisa izinyawo zami endaweni ebanzi. 9 Yiba nomusa kimi , Jehova, ngokuba ngiyahlupheka; iso lami liyafa usizi , nomphefumulo wami nomzimba wami. 10 Ngokuba ukuphila kwami kuphelela osizini, neminyaka yami ekububuleni; amandla ami aphelile ngokona kwami, namathambo ami ancunzekile. 11 Ngenxa yezitha zami zonke sengaba yisihlamba , ikakhulu kubakhelwane bami ngaba ngobesabisayo abang ane bami ; abangibona endleleni bayangibalekela. 12 Sengakhohlakala enhliziyweni njengofileyo; nginjengesitsha esifileyo. 13 Ngokuba ngikuzwile ukuhleba kwabaning i ngokwesabisayo nxazonke ; besenza icebo ngami bahlosa ukubulala umphefumulo wami. 14 Kepha mina ngithemba wena Jehova; ngithi: UnguNkulunkulu wami. 15 Izikhathi zami zisesandleni sakho ; ngikhulule esandleni sezitha zami nakwabangizingelayo. 16 Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho; ngisindise ngomusa wakho. 17 Jehova, mawungangijabhisi, ngokuba ng iyakubiza; mabajabhiswe ababi , bathuliswe endaweni yabafileyo. 18 Mazithuliswe izindebe zamanga ezijivaza olungiley o ngokuzidla nangokweyisa. 19 Yeka ubukhulu bomusa wakh o obagodlele wona abakwesabayo , owenzele bona ababalekela kuwe, phambi kwabantwana babantu. 20 Ubafihla ekusithekeni kobuso bakh o ngenxa yezigungu zabantu ; ubalondoloza edokodweni ekuxabaneni kwezilimi. 21 Makabongwe uJehova , ngokuba ungenzele umusa wakhe omangalisay o emzini oqinileyo. 22 Mina-ke ngithe ovalweni lwami : Ngixoshiwe emehlweni akh o; nokho walizwa izwi lokunxusa kwami ekukhaleni kwami kuwe. 23 Mthandeni uJehova nina nonke enimkhonzayo ; uJehova uyabalondoloza abakholekileyo, amphindisele kakhulu ozidlayo. 24 Qinani, inhliziyo yenu ibe nesibindi, nina nonke enithemba uJehova.