Skip to Content

AmaHubo Chapter 30

1 Ngiyakuphakamisa, Jehova, ngokuba ungikhuphulile; awuvumanga ukuba izitha zami zijabule phezu kwami. 2 Jehova Nkulunkulu wami, ngakhala kuwe, wangiphilisa. 3 Jehova, umphefumulo wami uwukhuphulile endaweni yabafileyo , wangiphilisa phakathi kwabashona emgodini. 4 Dumisani uJehova nina enimkhonzayo, nibonge igama lakhe elingcwele. 5 Ngokuba ukuthukuthela kwakhe kuba ngokomzuzwana nje , umusa wakhe uba ngowokuphila konke; kusihlwa kungena ukukhala, ekuseni ukujabula. 6 Mina ngithe ekubuseni kwami: Angisoze nganyakaziswa naphakade. 7 Jehova, ngomusa wakho ubuwenzile ukuba iqine intaba yami ; wabufihla ubuso bakho, ngase ngithuthumela. 8 Ngakhala kuwe Jehova; nganxusa kuJehova, ngathi: 9 Kukhona nzuzoni egazini lam i nasekushoneni kwami egebeni na ? Uthuli luzakukudumisa yini, lushumayele iqiniso lakho, na? 10 Yizwa, Jehova, ube nomusa kimi; Jehova, yiba ngumsizi wami. 11 Waphendula ukukhala kwami kwaba ngukusina ; wangikhumula izingubo zami zokulila, wangembathisa ukujabula, 12 ukuze umphefumulo wami ukudumise , ungathuli; Jehova Nkulunkulu wami, ngizakukubonga kuze kube phakade.