AmaHubo Chapter 32
1
Ubusisiwe osiphambeko sakhe sithethelelwe, osono sakhe sisibekelwe.
2
Ubusisiwe umuntu uJehova angambaleli isiphambeko , kungekho nkohliso emoyeni wakhe.
3
Kwathi ngithule, amathambo ami aguga ngokububula kwami usuku lonke.
4
Ngokuba imini nobusuku isandla sakho sasinzima phezu kwami , uloya lwami loma njengokomisa kwehlobo. Sela
5
Ngasivuma isono sami kuwe , angisifihlanga isiphambeko sami ; ngathi: Ngizakuzivuma izono zami kuJehova, wena wathethelela icala lesono sami . Sela
6
Ngakho-ke yilowo nalowo olungileyo makakhuleke kuw e ngesikhathi sokukufumana; impela kuyakuthi lapho amanzi amakhulu ekhukhula , angafinyeleli kuye.
7
Wena uyindawo yami yokucasha ; uyangilondoloza ngingahlupheki ; ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. Sela
8
Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo; ngizakukululeka ngeso lami.
9
Ningabi njengehhashi nembongolo engenangqondo ; umkhala netomu yimvunulo yayo yokuyiqondisa, uma ingasondeli kuwe.
10
Omubi unezinhlupheko ezin ingi, kepha othemba uJehova umusa uyakumphahla.
11
Jabulani kuJehova, nethabe nina balungileyo, nethabe nina nonke baqotho ngenhliziyo.