Skip to Content

U-Eksodusi Chapter 40

1 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2 Ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala wolimisa itabernakele letende lokuhlangana. 3 Wofaka khona umphongolo wobufakazi , uwuhenqele umphongolo ngesihenqo. 4 Ulingenise itafula, uhlele izinto eziphezu kwalo , ulungenise uthi lwez ibani, ubeke izibani zalo. 5 Ubeke i -altare legolide lempepho phambi komphongolo wobufakazi , ulengise iveli lomnyango wetabernakele. 6 Ubeke i -altare lomnikelo wokushiswa phambi komnyango wetabernakele letende lokuhlangana. 7 Ubeke umcengezi phakathi kwetende lokuhlangana ne-altare, uthele amanzi kuwo. 8 Ulungise igceke nxazonke, ulengise iveli lesango legceke. 9 Uthabathe amafutha okugcoba, uligcobe itabernakele nakho konke okukulo, ulingcwelise kanye nempahla yalo yonke, libe ngcwele. 10 Ugcobe i-altare lomnikelo wokushiswa nezinto zalo zonke , ulingcwelise i- altare, i-altare libe ngcwelengcwele. 11 Ugcobe umcengezi nesinqe sawo, uwungcwelise. 12 Ulethe u -Aroni namadodana akhe emnyango wetende lokuhlangana , ubageze ngamanzi. 13 Umembathise u-Aroni izambatho ezingcwele, umgcobe, umngcwelise ukuba angikhonze esikhundleni sobupristi. 14 Ulethe amadodana akhe, uwembathise amabhantshi, 15 uwagcobe, njengalokho wamgcoba uyise , ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi, ukugcotshwa kwabo kube ngubupristi obuphakade kubo ezizukulwaneni zabo. 16 Wenze njalo uMose ; njengakho konke uJehova amyale ngakho , wenze njalo-ke. 17 Kwathi enyangeni yokuqala ngomnyaka wesibili , ngolokuqala lwenyanga itabernakele lamiswa. 18 UMose walimisa itabernakele, wabeka izinyawo zalo, wamisa amapulangwe alo, wafaka imishayo yalo, wamisa izinsika zalo. 19 Weneka itende phezu kwetabernakele , wabeka isifulelo setende phezu kwalo, njengalokho uJehova emyalile uMose. 20 Wathabatha, wabufaka ubufakazi emphongolweni , wafaka izinti emphongolweni, wabeka isihlalo somusa phezu komphongolo. 21 Wangenisa umphongolo etabernakele , wamisa isihenqo seveli , wahenqela umphongolo wobufakazi, njengalokho uJehova emyalile uMose. 22 Wafaka itafula etendeni lokuhlangana ohlangothini lwetabernakele olungasenyakatho ngaphandle kwesihenqo. 23 Wahlela izinkwa phezu kwalo phambi kukaJehova , njengalokho uJehova emyalile uMose. 24 Walubeka uthi lwezibani etendeni lokuhlangana malungana netafula ohlangothini lwetabernakele olungaseningizimu. 25 Wazibeka izibani phambi kukaJehova , njengalokho uJehova emyalile uMose. 26 Walibeka i-altare legolide etendeni lokuhlangana ngaphambi kwesihenqo. 27 Washisa lapho impepho yamakha athaphukayo , njengalokho uJehova emyalile uMose. 28 Walengisa iveli lomnyango wetabernakele. 29 Wabeka i -altare lomnikelo woku shiswa ngasemnyango wetabernakele letende lokuhlangana, wanikela kulo ngomnikelo wokushiswa nangomnikelo wempuphu, njengalokho uJehova emyalile uMose. 30 Wabeka umcengezi phakathi kwetende lokuhlangana ne -altare, wathela kuwo amanzi okugeza. 31 OMose no -Aroni namadodana akhe bahlambela kuwo izandla zabo nezinyawo zabo. 32 Nxa bengena etendeni lokuhlangana nanxa besondela e -altare, bageza njengalokho uJehova emyalile uMose. 33 Walungisa igceke lizungeza itabernakele ne -altare, walengisa iveli lesango legceke; kanjalo-ke uMose wawuqeda umsebenzi. 34 Ifu lase lisibekela itende lokuhlangana , nenkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele. 35 UMose wayengenakungena etendeni lokuhlangana , ngokuba ifu lahlala phezu kwalo, nenkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele. 36 Njalo lapho ifu lenyuswa etabernakele , abantwana bakwa -Israyeli baqhubekela phambili ezinkambeni zabo zonke. 37 Kepha uma ifu lingenyuswanga , babengaqhubeki kwaze kwafika usuku lokwenyuswa kwalo. 38 Ngokuba ifu likaJehova laliphezu kwetabernakele emini , nomlilo wawukulo ebusuku emehlweni ayo yonke indlu yakwa -Israyeli ezinkambeni zabo zonke. ULEVITIKUS