Skip to Content

IzAga Chapter 6

1 Ndodana yami, uma uyisibambiso somakhelwane wakho , uma uxhawulene nomfokazi, 2 ucushiwe ngamazwi omlomo wakho, ubanjiwe ngamazwi omlomo wakho, 3 yenza lokhu phela , ndodana yami , uzophule, lokhu ungene esandleni somakhelwane wakho: khothama phambi kwakhe, umncengisise. 4 Unganiki amehlo akho ubuthongo, nezinkophe zakho ukozela. 5 Zophule njengensephe kumzingel i nanjengenyoni esandleni somthiyi wezinyoni. 6 Yana entuthwaneni, vilandini, ubone izindlela zayo, uhlakaniphe, 7 yona ethi ingenamahluleli, nambonisi, nambusi, 8 ilungisa nokho ehlobo isinkwa sayo , ibuthe ngesikhathi sokuvuna ukudla kwayo. 9 Uyakulala kuze kube nini , vilandini? Uyakuvuka nini ebuthongweni bakho na? 10 Ubuthongo obuncane, ukozela okuncane, ukusonga izandla kancane kuze kulalwe, 11 bese kuthi ubumpofu bakho bufike njengomhambuma , nokuswela kwakho njengomuntu wesihlangu. 12 Umuntu omubi, umuntu wokona, nguye ohamba nomlomo ophambeneyo, 13 oqwayiza amehlo, eshudula ngezinyawo zakhe, ekhomba ngeminwe. 14 Ubuphoxo busenhliziyweni yakhe ; uceba okubi ngesikhathi sonke ; ususa ukuxabana. 15 Ngalokho ingozi yakhe iyakufika ngokuzumayo; ngokuphazima kweso uyakwaphulwa, kungabikho ukuphiliswa. 16 Kukhona izinto eziyisithupha azizondayo uJehova , yebo, eziyisikhombisa eziyizinengiso emphefumulweni wakhe: 17 amehlo azidlayo, nolimi lwamanga, nezandla ezichitha igazi elingenacala, 18 nenhliziyo eceba imicabango emibi , nezinyawo ezishesha ukugijimela ebubini, 19 nofakazi wamanga ophafuza inkohliso , obanga ukuxabana phakathi kwabazalwane. Izindlela zokuphinga 20 Ndodana yami, gcina umyalo kayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko. 21 Yibophe enhliziyweni yakho njalo, uyithekeleze entanyeni yakho. 22 Mayikuhole ekuhambeni kwakho , ikulondoloze ekulaleni kwakho , ikhulume kuwe ekuvukeni kwakho. 23 Ngokuba imiyalo iyisibani, nomthetho ungukukhanya, nokusola ngokulaya kuyindlela yokuphila, 24 ukuze ugcinwe kowesifazane omubi , nasekuthopheni kolimi lowes ifazane ondindayo. 25 Ungakhanuki ubuhle bakhe enhliziyweni yakho, angakubambi ngezinkophe zakhe. 26 Ngokuba intengo yowesifazan e oyisiphingi iyiqebelengwane lesinkwa, kepha umfazi womuntu uzingela umphefumulo onqabileyo. 27 Umuntu angaphatha umlilo esifubeni sakhe, izingubo zakhe zingashi, na? 28 Umuntu angahamba phez u kwamalahle avuthayo , izinyawo zakhe zingahanguki, na? 29 Unjalo yena ongena kumkamakhelwane : akuyikuthiwa ongenacala noma yimuphi omthintileyo. 30 Abamdeleli yini oyisela ukuthi uyeba ukuba azisuthise lapho elambile na? 31 Uma efunyanwa , uyakubuyisa kasikhombisa , anikeze yonke impahla yendlu yakhe. 32 Ophinga nowesifazane akanakho ukuqonda ; wenza lokho okuchitha umphefumulo wakhe. 33 Uyakuthola imivimbo nehlazo, nenhlamba yakhe ayiyikwesulwa. 34 Ngokuba isikhwele sendoda singukufutheka ; ayiyikuyeka ngosuku lokuphindisela. 35 Ayiyikunaka neze ihlawulo; ayaneliswa, noma uphana ngezipho eziningi.