Skip to Content

NgokukaMathewu Chapter 28

1 Kepha ekupheleni kwesabatha ngovivi lolokuqala lweviki kwafika uMariya Magdalena nomunye uMariya, beza ukuyobona iliba. 2 Bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu , ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza yagingqa itshe, yahlala phezu kwalo. 3 Ukubonakala kwayo kwakunjengonyazi , nesambatho sayo sasimhlophe njengongqoqwane. 4 Kepha abalindi bathuthumela ngokuyesaba, baba njengabafileyo. 5 Kodwa ingelosi yaphendula, yathi kwabesifazane: Ningesabi nina; ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni; 6 kakho lapha, ngokuba uvukile njengokusho kwakhe ; zanini nibone indawo lapho ebelele khona. 7 Hambani masinyane, nitshele abafundi bakhe ukuthi uvukile kwabafileyo ; bhekani, uyanandulela ukuya eGalile , nizakumbona k hona. Bhekani, nginitshelile. 8 Base beshesha bamuka ethuneni benokwesaba nokuthokoza okukhulu , bagijima baya ukubikela abafundi bakhe. 9 Bheka, uJesu wabahlangabeza , wathi: Sanibona. Besondela babamba izinyawo zakhe, bakhuleka kuye. 10 Khona uJesu wathi ku bo: Ningesabi; hambani, nibikele abafowethu ukuba bahambe baye eGalile; bayakungibona khona. 11 Besahamba, bheka, abanye kubalindi bafika emzini , babikela abapristi abakhulu konke okwenzekileyo. 12 Sebebuthene namalunga benza icebo, banika amabutho imali eningi, 13 bathi: Shonini ukuthi abafundi bakhe beza ebusuku, bameba silele. 14 Uma kuzwakala lokho kumbusi , siyakuncengana naye thina , nina ningakhathazeki. 15 Ayeseyithatha imali , enza njengokufundiswa kwawo . Leli zwi landa phakathi kwabaJuda kuze kube namuhla. Isiyalezo sokugcina sikaJesu (Mark. 16:14; Luk. 24:44) 16 Kepha abafundi abayishumi nanye baya eGalile kuleyo ntaba uJesu ayebayalele yona; 17 sebembona bakhuleka kuye, kepha abanye bangabaza. 18 UJesu wasondela , wakhuluma kubo , wathi: Ngiphiwe amandla on ke ezulwini nasemhlabeni; 19 ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi , nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele, 20 nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho ; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.