AmaHubo Chapter 85
1
Jehova, wabusisa izwe lakho, wambuyisa uJakobe ekuthunjweni.
2
Wasusa icala labantu bakho, wasibekela zonke izono zabo. Sela
3
Wamukisa yonke intukuthelo yakho , waphenduka ekuvutheni kolaka lwakho.
4
Sibuyise, Nkulunkulu wensindiso yethu, ulahle ukusicanukela kwakho.
5
Uyakusithukuthelela njalonjalo na ? Uyakwelulela ulaka lwakho ezizukulwaneni ngezizukulwane na?
6
Awuzukusivusa, sibuye siphile, ukuze abantu bakho bathokoze ngawe, na?
7
Sitshengise umusa wakho, Jehova, usiphe insindiso yakho.
8
Mangizwe lokho uNkulunkulu uJehova azakukukhuluma ; uyakhuluma ukuthula kubantu bakhe nakubo abamesabayo; mabangabuyeli ebuwuleni.
9
Impela insindiso yakhe iseduze nabamesabayo , ukuze kuhlale udumo ezweni lethu.
10
Kuyakuhlangabezana umusa neqiniso, kwangane ukulunga nokuthula.
11
Kuyakuhluma iqiniso emhlabeni , kulunguzele phansi nokulunga kwasezulwini.
12
Yebo, uJehova uyakuveza okuhle; izwe lethu liyakuthela izithelo zalo.
13
Ukulunga kuyakuhamba phambi kwakhe, kwenzele izinyawo zakhe indlela.