AmaHubo Chapter 86
1
Beka indlebe yakho, Jehova, ungiphendule, ngokuba ngilusizi, ngimpofu.
2
Londoloza umphefumulo wami , ngokuba ngingoqotho ; wena Nkulunkulu wami, sindisa inceku yakho ekwethembayo.
3
Yiba nomusa kimi, Nkosi, ngokuba ngikhala kuwe usuku lonke.
4
Thokozisa umphefumulo wenceku yakho , ngokuba kuwena , Nkosi, ngiyawuphakamisela umphefumulo wami.
5
Ngokuba wena, Nkosi, umuhle, ungothethelelayo, unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe.
6
Jehova, beka indlebe ekukhulekeni kwami, ulalele izwi lokunxusa kwami.
7
Ngosuku losizi lwami ngikhala kuwe, ngokuba uzakungiphendula.
8
Phakathi kwawonkulu nkulu akakho onjengawe Nkosi ; akukho okunjengemisebenzi yakho.
9
Izizwe ozenzileyo ziyakufika zonke , zikhuleke phambi kwakho , Nkosi, zidumise igama lakho.
10
Ngokuba umkhulu wena , uyenza izimangaliso , unguNkulunkulu wena wedwa.
11
Ngifundise, Jehova, indlela yakho; ngiyakuhamba eqinisweni lakho; yenza inhliziyo yami iqonde ntonye, yesabe igama lakho.
12
Ngiyakukubonga, Nkosi Nkulunkul u wami, ngenhliziyo yonke yami , ngidumise igama lakho kuze kube phakade.
13
Ngokuba umusa wakho mkhulu phezu kwami , ukhululile umphefumulo wami endaweni yabafileyo ephansi.
14
Nkulunkulu, izideleli zingivukele , ibandla lezidlwangudlwangu lifuna umphefumulo wami; azibekanga wena phambi kwazo.
15
Kepha wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo, onomusa nokubekezela, uvame ubumnene nokuthembeka.
16
Phendukela kimi , ube nomusa kimi , uyiphe inceku yakho amandla akho , usindise indodana yencekukazi yakho.
17
Ngenzele isiboniselo sokuhle , ukuze abangizondayo babone , bajabhe, ngokuba wena Jehova uyangisiza, uyangiduduza.