Skip to Content

AmaHubo Chapter 87

1 Isisekelo asibekileyo sisezintabeni ezingcwele. 2 UJehova uyawathanda amasango aseSiyon i kunazo zonke izindlu zikaJakobe. 3 Okudumisekayo kukhulunywa ngawe, muzi kaNkulunkulu. Sela 4 Ngiyakubala uRahabi neBab ele kulabo abangaziyo ; yebo, iFilistiya neThire kanye neKushe azalelwa khona. 5 Kuyakuthiwa ngeSiyoni : Yilo nalo wazalelwa khona ; oPhezukonke uyaliqinisa. 6 Mhla uJehova eloba izizwe uyakubala ukuthi lo wazalelwa khona. Sela 7 Abahubayo nabasinayo bathi: Imithombo yami yonke ikuwe.