AmaHubo Chapter 88
1
Jehova Nkulunkulu wensindiso yami , ngikhala imini nobusuku phambi kwakho.
2
Umkhuleko wa mi mawufike ebusweni bakho , indlebe yakho uyibeke ekunxuseni kwami.
3
Ngokuba umphefumulo wami ugcwele izinsizi , ukuphila kwami kusondele endaweni yabafileyo.
4
Ngibalwa kanye nabashona emgodini, nginjengomuntu ofileyo.
5
Icansi lami liphakathi kwabafileyo ; nginjengababuleweyo abalele ethuneni, ongasabakhumbuli, benqunyiwe esandleni sakho.
6
Ungibekile emgodini ojulile kunayo yonke, ebumnyameni, otweni.
7
Kuyangisinda ukuthukuthela kwakho ; amadlambi akho onke ayangicindezela phansi. Sela
8
Engikade ngazana nabo ubaxoshele kude, wangenza ngibe yisinengiso kubo; ngivalelwe, ngingephume.
9
Iso lami liyafa ngosizi ; ngikhala kuwe Jehova imihla yonke , ngizelulela izandla zami kuwe.
10
Abafileyo uyakubenzela isimangaliso na ? Ziyakuvuka yini izithunzi , zikubonge, na? Sela
11
Kuyalandiswa yini ethuneni ngomusa wakho , nangokuthembeka kwakho endaweni yokubhujiswa na?
12
Izimangaliso zakho ziyaziwa yini ebumnyameni , nokulunga kwakho ezweni lokukhohlwa na?
13
Kepha mina, Jehova, ngikhala kuwe; ekuseni umkhuleko wami uyenyuk a phambi kwakho.
14
Jehova, ulahlelani umphefumulo wami, ungifihlelelani ubuso bakho na?
15
Ngihluphekile, ngingofayo kusukela ebusheni bami ; ngithwele ukwesabeka kwakho, ngiphelile.
16
Ulaka lwakho olushisayo lungehlele; ukwesabisa kwakho kungiqedile.
17
Kungizungeza njengamanzi imihla yonke, kungikaka kanyekanye.
18
Isihlobo nomngane ubaxoshele kude; ubumnyama bungumhlobo wami.