Skip to Content

1 kuThimothewu Chapter 5

1 Ungayikhaci indoda endala , kodwa yiyale njengoyihlo , namadoda amasha njengabafowenu, 2 abesifazane abadala njengawonyoko , nabesifazane abasha njengawodadewenu ngenhlanzeko epheleleyo. Ngabafelokazi 3 Yazisa abafelokazi abangabafelokazi ngoqobo. 4 Kepha uma umfelokazi enabantwana noma enabazukulwane , labo-ke mabafunde kuqala ukuhlonipha indlu yakwabo , babuyisele okufaneleyo kubazali babo, ngokuba kuyabongeka lokho phambi kukaNkulunkulu. 5 Lowo ongumfelokazi ngoqobo osele eyedwa uthembele kuNkulunkulu , uhlala ekunxuseni nasekukhulekeni ubusuku nemini, 6 kepha lowo ozinikela ekutamaseni ufile esekhona. 7 Yala ngalezo zinto, ukuze bangabi nokusoleka. 8 Kepha-ke uma umuntu engabondli abakubo, kakhulu abakwakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo. 9 Makangafakwa esibalweni umfelokazi , uma engaphansi kweminyaka engamashumi ayisithupha, owabe ngumfazi wendoda inye, 10 ebongwa ngemisebenzi emihle , uma ondlile abantwana , uma engenisile izihambi, uma egezile izinyawo zabangcwele , uma esizile abahluphekayo , uma ekhuthalele umsebenzi wonke omuhle. 11 Kepha abafelokazi abasha ubenqabe ; ngokuba uma sebetamasile bedela uKristu, bafuna ukugana; 12 banokulahlwa, ngokuba bechithile ukukholwa kwabo kokuqala. 13 Futhi-ke bafunda nokuvilapha , bezula izindlu ngezindlu , bengavilaphi kuphela, kepha behleba, bezigaxa ngokungekwabo, bekhuluma okungafanele. 14 Ngakho-ke ngithanda ukuba abafelokazi abasha bagane, bazale abantwana, baphathe indlu yabo, bangasiniki isitha ithuba lokuthuka. 15 Ngokuba nakalokhu abanye sebechezukele kuSathane. 16 Uma owesifazane okholwayo enabafelokazi , makabasize, ibandla lingasindwa, ukuze lisize abafelokazi boqobo. Amalunga afanele ukondliwa yibandla 17 Amalunga aphatha kahle akuthiwe afanele ukutuswa ngokuphindiweyo , ikakhulu lawo akhuthalela izwi nokufundisa. 18 Ngokuba umbhalo uthi : Ungayifaki isifonyo inkabi ebhulayo , futhi: Isisebenzi siyifanele inkokhelo yaso. Ngokuthetha amacala nezinye iziluleko 19 Icala eliqondene nelunga ungalemukeli , kungekho ofakazi ababili noma abathathu. 20 Abonayo ubasole phambi kwabo bonke, ukuze nabanye besabe. 21 Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu noKristu Jesu nezingelosi ezikhethiweyo ukuba ulonde lezo zinto ngokungazinqumeli , ungenzi lutho ngokukhetha. 22 Ungasheshi ubeke izandla noma kubani , futhi ungahlanganyeli izono zabanye, uzigcine ube mhlophe. 23 Ungabe usaphuza amanzi odwa, kepha phuza iwayini eliyingcosana ngenxa yesisu sakho nobuthakathaka bakho obuvamileyo. 24 Izono zabanye abantu zisobala, zibandulela ekwahlulelweni; kepha abanye ziyabalandela. 25 Ngokunjalo nemisebenzi emihle isobala; naleyo engenjalo ingesitheke.