Skip to Content

1 kuThimothewu Chapter 6

1 Bonke abayizigqila phansi kwejoka mabathi abanumzane babo bafanele ukutuswa impela , ukuze igama likaNkulunkulu nesifundiso kungahlanjalazwa. 2 Abanabanumzane abakho lwayo bangabadeleli , ngokuba bengabazalwane, kodwa kube yikhona bebakhonza kakhulu , ngokuba bengabakholwayo nabathandekayo labo abasizakala ngomsebenzi wabo . Wofundisa lezo zinto , uyale ngazo. Isifundiso masibe ngesiqinisileyo 3 Uma kukhona umuntu ofundisa okwahlukileyo, engawalandeli amazwi aphilileyo eNkosi yethu uJesu Kristu nesifundiso esiya ngokumesaba uNkulunkulu, 4 ukhukhumele lowo engaqondi lutho , kumphethe ukubuzana nokuphikisana ngamazwi okuvela kukho umhawu , nombango, nokuhlambalaza, nokuzindla okubi, 5 nokuxabana kwabantu abangqondo yabo yonakele, abamukwe iqiniso, bethi ukumesaba uNkulunkulu kuyindlela yenzuzo. 6 Yebo, ukumesaba uNkulunkulu kanye nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu, 7 ngokuba asilethanga lutho ezweni ; kusobala ukuthi singemuke nalutho futhi; 8 kepha uma sinokudla nezambatho, asaneliswe yikho. 9 Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni , nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo , ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni. 10 Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho ko nke okubi ; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi. Ukukhonza uNkulunkulu ngesiminya; ukufundisa izicebi nokuxwaya isifundiso samanga 11 Kepha wena muntu kaNkulunkulu , balekela lezo zinto ; jonga ukulunga , nokumesaba uNkulunku lu, nokukholwa, nothando, nokubekezela, nobumnene. 12 Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa , ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wavuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi. 13 Ngiyakuyala phambi kukaNkulunkulu ophilisa konke , naphambi kukaKristu Jesu owavuma ukuvuma okuhle phambi kukaPontiyu Pilatu, 14 ukuba ugcine umyalo ungenabala , ungenakusoleka, kuze kube sekubonakaleni kweNkosi yethu uJesu Kristu 15 ayakukubonakalisa ngezikhathi zakhe uSomandla obongekayo, oyedwa, iNkosi yamakhosi, uMbusi wababusi, 16 yena yedwa onokungafi , ehlala ekukhanyeni okungenakusondelwa kukho , ongazange abonwe muntu , nongebonwe; makube kuye udumo namandla aphakade. Amen. 17 Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali , bangathembeli engcebeni engemiyo , kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho, 18 benze okuhle, bacebe ngemisebenzi emihle, baphane, babelane, 19 bezibekelela isisekelo esihle sesikhathi esizayo , ukuze babambe ukuphila okuyikho. Isigcino 20 Thimothewu, londa k ahle okubekiweyo kuwe , ugweme ukukhuluma okuyize nokuphikisana kwalokho okuthiwa ukwazi kungesikho, 21 okuthi abanye bekuvuma, baduka ekukholweni. Umusa mawube nani.