Skip to Content

2 kuThimothewu Chapter 1

1 UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu ngokwesithembiso sokuphila okukuKristu Jesu, 2 kuThimothewu, umntwana othandekayo: Makube kuwe umusa , nobubele, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu iNkosi yethu. UPawulu umvusa uThimothewu ukuba aqine ekulweleni ivangeli 3 Ngiyambonga uNkulunkulu engimkhonzayo kusukela kokhokho ngonembeza omhlophe , njengalokhu ngikukhumbula ngokungaphezi emikhulekweni yami ubusuku nemini, 4 ngilangazelela ukukubona , ngikhumbula izinyembezi zakho , ukuze ngigcwaliswe ngentokozo, 5 ngikhunjuzwe uku kholwa okungenakuzenzisa okukuwe , okwahlala kuqala kunyokokhulu uLowisi nakunyoko uYunisi, yebo, ngiyethemba, nakuwena. 6 Ngaleso sizathu ngiyakukhumbuza ukuba uvuse isipho somusa sikaNkulunkulu esikhona kuwe ngokubeka izandla zami. 7 Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza. 8 Ngalokho ungabi namahloni ngobufakazi ngeNkosi yethu nangami, isiboshwa sayo , kodwa hlanganyela ukuhluphekela ivangeli ngamandla kaNkulunkulu 9 owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcw ele, kungengokwemisebenzi yethu kepha ngokwelakhe icebo nomusa , esawuphiwa kuKristu Jesu zingakabikho izikhathi, 10 kepha osubonakalisiwe manje ngokubonakala koMsindisi wethu uKristu Jesu, owachitha ukufa , walethela ekukhanyeni ukuphila nokungabhubhi ngevangeli, 11 engamiselwa lona ukuba ngibe ngummemezeli, nomphostoli, nomfundisi; 12 ngaleso sizathu ngiyahlupheka nangalokhu , kepha anginamahloni , ngokuba ngiyamazi engikholwa nguye , ngiyethemba ukuthi unamandla okulonda lokho engikubekile kuye, kuze kube yilolo suku. 13 Isibonelo samazwi aphilayo masibe yilawo owawezwa kimi ngokukholwa nangothando olukuKristu Jesu; 14 okuhle okubekiwe kuwe ukulonde ngoMoya oNgcwele ohlala kithi. 15 Uyazi lokhu ukuthi bonke abase -Asiya bangifulathele, abaphakathi kwabo ngoFigelu noHermogene. 16 INkosi mayinike indlu ka -Onesiforu umusa , ngokuba wangihlumelela kaningi, wayengenamahloni ngeketanga lami, 17 kepha esefikile eRoma wangifunisisa, wangifumana -- 18 iNkosi mayimnike ukuba athole ububele eNkosini ngalolo suku -- konke akhonza ngakho e-Efesu uyakwazi wena kakhulu.