2 kuThimothewu Chapter 2
1
Ngakho wena mntanami, yiba namandla emseni okuKristu Jesu;
2
lokho okuzwileyo kimi phambi kofakazi abaningi, lokho-ke kubeke kubantu abathembekileyo abazakuba namandla okufundisa nabanye.
3
Hlanganyela nami ukuhlupheka njengebutho elihle likaKristu.
4
Akakho osempini olibala izidingo zalokhu kuphila , aze akholeke kulowo abuthwe nguye.
5
Futhi nxa umuntu encintisana , kaqheliswa engan cintisananga ngokomthetho.
6
Umlimi osebenzayo kufanele ukuba kwamukele yena izithelo kuqala.
7
Qonda engikushoyo; ngokuba iNkosi iyakukunika ukuqonda ngezinto zonke.
8
Khumbula uJesu Kristu ovukile kwabafileyo , wenzalo kaDavide ngokwevangeli lami,
9
engihlupheka ngalo kuze kube sekuboshweni njengeselelesi; kepha izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.
10
Ngalokho ngiyakhuthazela kukho konke ngenxa yabakhethiweyo , ukuze nabo bazuze insindiso ekuKristu Jesu, kanye nenkazimulo yaphakade.
11
Likholekile leli zwi lokuth i: Ngokuba uma safa naye , siyakuphila naye futhi;
12
uma sikhuthazela , siyakubusa naye futhi ; uma simphika , naye uyakusiphika;
13
uma singathembeki, yena uhlala ethembekile, ngokuba akanakuziphika.
14
Bakhumbuze ngalokho, ufakaze phambi kukaNkulunkulu ukub a bangalwi ngamazwi, okungasizi lutho, okuyincithakalo kwabezwayo.
15
Khuthalela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu , isisebenzi esingenamahloni, esiqondisa kahle izwi leqiniso.
16
Kepha ukukhuluma kwezwe okuyize ukugweme ; ngokuba bayakuqhubekela phambili ekungamesabini uNkulunkulu,
17
nezwi labo liyakubhibha njengesilonda esibhucukayo , abaphakathi kwabo ngoHimenewu noFiletu
18
abadukileyo mayelana neqiniso , bethi ukuvuka kwabafileyo sekudlulile , bechitha ukukholwa kwabanye.
19
Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi, sinalolu phawu lokuthi : INkosi iyabazi abangabayo, nokuthi: Yilowo nalowo ophatha igama likaKristu makadede kukho ukungalungi.
20
Kepha endlini enkulu akukho izitsha zegolide nezesiliva kuphela kodwa nezemithi nezebumba, ezinye ezihloniphekayo, ezinye ezingahloniphekiyo;
21
ngalokho uma umuntu ezihlanza kulezo zinto , uyakuba yisitsha esihloniphekayo, esingcwelisiwe, esinosizo kumninindlu , esilungiselwe umsebenzi wonke omuhle.
22
Kepha balekela izinkanuko zobusha , ujonge ukulunga , nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlambulukileyo.
23
Kepha ukuphikisana kobuwula nokokungazi ukunqabe, wazi ukuthi kuzala ukulwa;
24
inceku kaKristu ayifanele ukulwa, kodwa mayibe mnene kubo bonke, inesu lokufundisa, ibekezela,
25
ibalaya ngomoya omnene abamelene nayo , kumbe uNkulunkulu angabanika ukuphenduka, baze balazisise iqiniso,
26
basanguluke, baphume ogibeni lukaSathane ababanjwe nguye ukuba benze intando yakhe.