Skip to Content

2 kuThimothewu Chapter 3

1 Kepha yazi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; 2 ngokuba abantu bazakuba ngabazithandayo , nabathandimali, nabazigabisayo, nabazidlayo, nabahlambalazayo, nabangalaleli abazali , nabangabongiyo, nabahlazisayo, 3 nabangenaluthando, nabahlebi, nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle, 4 nabakhapheli, nabanamawala, nabakhukhumele, nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu, 5 nabanesimo sokumesaba uNkulunkulu , kepha amandla akho bewaphika ; labo-ke wobagwema. 6 Ngokuba kulabo kuvela abanyonyobela ezindlini bethumba abesifazane abasindwa yizono, beqhutshwa yizinkanuko eziyizinhlobonhlobo, 7 befunda njalo, kepha bengeke bakwazi ukufika ekulazini iqiniso. 8 NjengoJane noJambre bamelana noMose , kanjalo laba bamelana neqiniso , abantu abonakele ingqondo, abehluleka enkolweni. 9 Kepha abasayikuqhubekela phambili ; ngokuba ubuwula babo buyakuba sobala kubo bonke, njengokuba kwaba njalo nobabo. Ukubambelela esifundisweni esilungileyo 10 Kepha wena walandela isifundiso sami nokuziphatha , nomgomo, nenkolo, nokubheka kade, nothando, nokubekezela, 11 nokuzingelwa, nezinhlupheko ezangehlela e -Antiyokiya nase -Ikoniyu naseListra; ukuzingelwa okunje ngakhuthazela kukho , kepha iNkosi yangikhulula kukho konke. 12 Yebo, bonke abathanda ukuhamba ngokume saba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa. 13 Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini , bedukisa, bedukiswa. 14 Kepha wena yima kulokho okufundile nowaqiniseka kukho , wazi ukuthi ukufunde kobani, 15 nokuthi kusukela ebuntwaneni w azi imibhalo engcwele enamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu. 16 Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa , nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni, 17 ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele , apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.