2 kuThimothewu Chapter 4
1
Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu noKristu Jesu oyakwahlulela abaphilayo nabafileyo nangokubonakala kwakhe nombuso wakhe, ngithi:
2
Shumayela izwi, uqinise, noma kuyisikhathi noma kungesiso; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.
3
Ngokuba kuyakuba khona isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilayo, kepha ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi njengokubatshwa kwezindlebe zabo,
4
bafulathelise izindlebe zabo eqinisweni, baphambukele ezinganekwaneni.
5
Kepha wena , qonda ezintweni zonke , ubekezele ekuhluphekeni , wenze umsebenzi womvangeli, ufeze ukukhonza kwakho.
6
Ngokuba mina sengiyanikelwa, nesikhathi sokumuka kwami sesifikile.
7
Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiqedile ibanga, ngigcinile ukukholwa;
8
sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo suku iNkosi , umahluleli olungileyo , kungeyimi ngedwa , kepha bonke abathandile ukubonakala kwayo. UThimothewu ucelwa ukuba afike kuPawulu
9
Shesha uze kimi masinyane.
10
Ngokuba uDema wangishiya ethanda leli zwe lamanje, waya eThesalonika; uKreste waya eGalathiya, uThithu eDalmathiya;
11
nguLuka yedwa onami . Thatha uMarku, uze naye, ngokuba unosizo kimi ekukhonzeni.
12
UThikhiku sengamthuma e-Efesu.
13
Ijazi engalishiya eTrowa kuKarpu woliphatha , nxa uza , nezincwadi, ikakhulu ezesikhumba.
14
U-Aleksandru, umkhandi wethusi wenza okubi okuningi kimi ; iNkosi iyakumbuyisela ngokwemisebenzi yakhe;
15
umxwaye nawe, ngokuba wamelana kakhulu namazwi ethu.
16
Ekuziphenduleleni kwami kokuqala kwakungekho muntu ongimelayo , kepha bonke bangishiya; makungabalelwa kubo lokho;
17
kodwa iNkosi yangimela , yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami , nabezizwe bonke bezwe ; ngase ngikhululwa emlonyeni wengonyama.
18
INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi , ingisindise, ngize ngifike embusweni wayo osezulwini ; makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen. Isigcino
19
Khonza koPriska no-Akwila nendlu ka-Onesiforu.
20
U-Erastu wasala eKorinte, kepha uTrofimu ngamshiya eMilethu egula.
21
Shesha ufike, kungakangeni ubusika. Bakhonza kuwe o -Evubulu, noPhude, noLinu, noKlawudiya, nabo bonke abazalwane.
22
INkosi mayibe nomoya wakho. Umusa mawube nani.