2 uSamuweli Chapter 11
1
Emva komnyaka ngesikhathi sokuhlasela kwamakhosi uDavide wamthuma uJowabe nezinceku zakhe zinaye kanye no -Israyeli wonke , babachitha abantwana bakwa-Amoni, bavimbezela iRaba ; kepha uDavide wahlala eJerusalema.
2
Kwathi kusihlwa uDavide wavuka embhedeni , wahamba ophahleni lwendlu yenkosi, wabona esesophahleni owesifazane egeza ; owesifazane wayemuhle kakhulu, ebukeka.
3
UDavide wathuma wabuza ngalowo wesifazane . Omunye wathi : Lowo akasiye uBati Sheba yini, indodakazi ka-Eliyamu, umka-Uriya umHeti, na?
4
UDavide wathuma izithunywa , wamthatha; wangena kuye , walala naye , ngokuba wayesehlambulukile yena ekungcoleni kwakhe; wabuyela ekhaya.
5
Owesifazane wamitha, wathuma wamtshela uDavide, wathi: Ngikhulelwe.
6
UDavide wayesethumela kuJowabe ngokuthi : Thuma kimi u -Uriya umHeti. UJowabe wamthuma u-Uriya kuDavide.
7
Esefikile kuye u -Uriya, uDavide wabuza kuye impilo yakhe , nempilo yabantu, nokuthi impi ihamba kanjani.
8
UDavide wayesethi ku -Uriya: Yehla uye endlini yakho, ugeze izinyawo zakho. U-Uriya waphuma endlini yenkosi , kwamlandela isipho sokudla esivela enkosini.
9
Kepha u -Uriya walala ngasemnyango wendlu yenkosi kanye nazo zonke izinceku zenkosi yakhe, akehlelanga endlini yakhe.
10
UDavide esetsheliwe ukuthi u -Uriya akehlelanga endlini yakhe , uDavide wathi ku-Uriya: Awubuyi ekuhambeni yini? Awehlelanga ngani endlini yakho na?
11
U-Uriya wathi kuDavide : Umphongolo, no-Israyeli, noJuda bahlezi emadokodweni; inkosi yami uJowabe nezinceku zenkosi yami zimisile endle ; mina-ke, pho, ngingene endlini yami, ngidle, ngiphuze, ngilale nomkami na? Kuphila kwakho nokuphila komphefumulo wakho, angiyikuyenza leyo nto.
12
Wayesethi uDavide ku -Uriya: Hlala lapha nanamuhla ; kusasa ngiyakukuvumela ukuba uhambe. U-Uriya wayesehlala eJerusalema lolo suku nolulandelayo.
13
Esebiziwe nguDavide wadla waphuza phambi kwakhe ; wamdakisa; kusihlwa waphuma ukuyolala embhedeni wakhe kanye nezinceku zenkosi , kepha akehlelanga endlini yakhe.
14
Kwathi ekuseni uDavide wamlobela uJowabe incwadi , wayithuma ngesandla sika-Uriya.
15
Waloba encwadini ukuthi : Misani u -Uriya ngaphambili, lapho impi ishisa khona, nihlehle kuye ukuba ashaywe, afe.
16
Kwathi uJowabe esahlozinga umuzi , wammisa u-Uriya endaweni lapho azi ukuthi kukhona amadoda anamandla.
17
Abantu bomuzi baphuma balwa noJowabe ; kwawa abantu abathile ezincekwini zikaDavide; wafa naye u-Uriya umHeti.
18
UJowabe wayesethuma wamtshela uDavide zonke izindaba zempi;
19
wasiyala isithunywa ngokuthi : Lapho uqedile ukuyitshela inkosi zonke izindaba zempi,
20
kuyakuthi uma kuvuka intukuthelo yenkosi , ithi kuwe : Nisondeleleni kangako emzini ukulwa na ? Beningazi yini ukuthi bebeyakucibishela besogangeni na?
21
Ngubani owabulala u -Abimeleki indodana kaJerubesheti na ? Angithi owesifazane esogangeni wamphonsa ngemboko dwe, wafa eThebesi , na? Nisondeleleni kangako ogangeni na ? uthi: Inceku yakho u-Uriya umHeti ifile nayo.
22
Sase sihamba isithunywa , safika samtshela uDavide konke esasikuthunyelwe nguJowabe.
23
Isithunywa sathi kuDavide : Amadoda ayesehlula, asiphumela endle, kepha sawaficezela kwaze kwaba sesikhaleni sesango.
24
Abacibishelayo bacibishela izinceku zakho besogangeni; ezinye izinceku zenkosi zifile, nenceku yakho u-Uriya umHeti ifile nayo.
25
UDavide wayesethi kuso isithunywa : Uyakusho kanje kuJowabe , uthi: Le nto mayingabi mbi emehlweni akho , ngokuba inkemba idla omunye njengomunye; qinisa impi yakho ngasemzini, uwuchithe; bese wumqunga isibindi.
26
Umka-Uriya esezwa ukuthi u -Uriya indoda yakhe ufile wayililela indoda yakhe.
27
Sekuphelile ukulila , uDavide wathum a wamletha endlini yakhe ; waba ngumkakhe, wamzalela indodana . Kepha leyo nto eyenziwe nguDavide yayimbi emehlweni kaJehova.