UNahume Chapter 1
1
Isiprofetho ngeNineve, incwadi yombono kaNahume wase-Elikoshi.
2
UJehova unguNkulunkul u oshisekelayo nophindiselayo ; uJehova uyaphindisela, ugcwele ukufutheka; uJehova uphindisela kwabamelene naye, ugcinela izitha zakhe intukuthelo.
3
UJehova wephuza ukuthukuthela , mkhulu ngamandla, akenzi onecala abe msulwa; uJehova unendlela yakhe esivunguvungwini nasesiphephweni , namafu ayibhuqu lezinyawo zakhe.
4
Uyakhuza ulwandle , alomise, ashise nemifula yonke ; iBashani liyawuma kanye neKarmeli, nezimbali zaseLebanoni ziyabuna.
5
Izintaba ziyathuthumela phambi kwakhe, amagquma ayancibilika; umhlaba uyaphakama ebusweni bakhe, yebo, nakho konke okuhlala kuwo.
6
Ngubani ongema ebusweni bentukuthelo yakhe na ? Ngubani ongema ekufuthekeni kolaka lwakhe na ? Ukufutheka kwakhe kuthululiwe njengomlilo, namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.
7
UJehova muhle , uyinqaba ngosuku lwenhlupheko , uyabazi abaph ephela kuye.
8
Kepha ngesikhukhula esiphuphumayo uyakuqeda indawo yakhona, axoshele izitha zakhe ebumnyameni.
9
Enikucebayo ngoJehova uyakuqeda yena ; ukuhlupheka akuyikuvela ngokwesibili.
10
Lapho bethandela njengameva , benjengabaminzileyo ophuzweni lwabo , bayakuqedwa nokuqedwa njengamabibi omileyo.
11
Kuphume kuwe owamcebela uJehova okubi, wanika isiluleko esibi.
12
Usho kanje uJehova , uthi: Noma benamandla , futhi bebaningi , nokho bayakuqedwa, banyamalale; noma ngikuhluphile, angisayikukuhlupha.
13
Sengiyakulaphula ijoka eliphezu kwakho, ngigqabule izibopho zakho.
14
Kepha uJehova uyalezile ngaw e ukuthi akusayikuhlwanyelwa okwegama lakho; endlini yawonkulunkulu bakho ngiyakunquma izithombe ezibaziweyo nezibunjiweyo; ngiyakulungisa ithuna lakho, ngokuba awuyinto yalutho.
15
Bheka ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula. Gubha imikhosi yakho , Juda, ugcwalise izithembiso zakho , ngokuba omubi akasayikudabula kuwe; unqunyiwe ngokupheleleyo.