Skip to Content

UMika Chapter 7

1 Maye kimi ! Ngokuba nginjengokuvunwa kwezithelo zasehlobo , njengokukhothozwa komvini ; akukho hlukuzo lokudliwa; umphefumulo wami uyafisa ikhiwane eliyingqalabutho. 2 Abathembekileyo babhubhile emhlabeni , akakho oqotho phakathi kwabantu; bonke baqamekela igazi ; bayazingelana, kube yilowo nalowo umfowabo ngenetha. 3 Izandla zabo ziphezu kokubi ukukuthuthukisa; isikhulu sinesicelo , umahluleli ubhe ka umvuzo ; omkhulu ukhuluma ngesifiso somphefumulo wakhe; bayakwalukanisa. 4 Omuhle wabo unjengobobe , olungileyo mubi kunothango lwameva ; usuku lwabalindi bakho nolokuhanjelwa kwakho lufikile ; sekuyakuba ngukukhungatheka kubo. 5 Ningamethembi umngane , ningakholwa ngumhlobo ; gcina iminyango yomlomo wakho kuye olala ngasesifubeni sakho. 6 Ngokuba indodana idelela uyise ; indodakazi ivukela unina ; umalokazana uvukela uninazala, nezitha zomuntu ngamadoda endlu yakhe. 7 Kepha mina ngiyakumbheka uJehova ; ngiyakulindela uNkulunkulu wokusindiswa kwami; uNkulunkulu wami uyakungizwa. 8 Ungathokozi ngami, sitha sami; ngokuba uma ngiwile , ngiyakuvuka; lapho ngihlezi ebumnyameni, uJehova uzakuba ngukukhanya kwami. 9 Ngiyakuthwala ulaka lukaJehova , ngokuba ngonile kuye , aze amele indaba yami, angenzele ukwahlulelwa , angiphumisele ekukhanyeni , ngibone ukulunga kwakhe. 10 Isitha sami siyakukubona , sisitshekelwe ngamahloni , esona besithi kimi : Uphi uJehova uNkulunkulu wakho ? Amehlo ami ayakusibona ; manje siyakunyathelwa njengodaka lwasezitaladini. 11 Kuyakufika usuku lokwakha izingange zakho ; ngalolo suku umkhawulo wakho uyakudediselwa kude. 12 Ngalolo suku bayakufika kuw e bevela e -Asiriya nasemizini yaseGibithe , kusukela eGibithe kuze kube seMfuleni , kusukela elwandle kuze kube selwandle, kusukela entabeni kuze kube sentabeni. 13 Kepha izwe liyakuba yincithakalo ngenxa yabakhileyo kulo ngezenzo zabo. 14 Yalusa abantu bakho ngentonga yakho, izimvu zefa lakh o ezihlala zodwa ehlathini phakathi kweKarmeli ; mazaluke eBashani nakwaGileyadi njengasezinsukwini zasendulo. 15 Njengasezinsukwini zokuphuma kwakho ezweni laseGibith e ngiyakubabonisa izimangaliso. 16 Abezizwe bayakubona , babe namahloni ngamandla abo onke , babeke isandla sabo emlonyeni wabo, izindlebe zabo zibe yizithulu. 17 Bayakukhotha uthuli njengenyoka , baphume bethuthumela njengezinto ezinabuzelayo emhlabathin i ezindaweni zazo ezivalelweyo , bafike ngokuqhaqhazela kuJehova uNkulunkulu wethu, besabe ngenxa yakho. 18 Ngubani onguNkulunkulu onjengaw e othethelela insali yefa lakho ubu bi bayo, uyiyekele isiphambeko sayo , na? Akabambeleli entukuthelweni yakhe kuze kube phakade, ngokuba wenamela umusa. 19 Uyakubuye asibekezelele , anyathele phansi ububi bethu ; yebo, uyakuphonsa zonke izono zabo ekujuleni kolwandle. 20 Uyakunika uJakobe ukuth embeka no -Abrahama umus a owakufungela obaba kwasezinsukwini zasendulo.