UNahume Chapter 2
1
Kukhuphukela umchithi kuwe; gcina inqaba, ulinde indlela, uqinise izinkalo zakho, uwenze amandla akho ukuba aqine.
2
Ngokuba uJehova uyabuyisa ukuphakama kukaJakob e njengokuphakama kuka-Israyeli, lokhu abathululayo bebathululile, bachitha amagatsha emivini yabo.
3
Izihlangu za maqhawe akhe zibomvu , amadoda anamandla embethe okubomvu; izinqola zibengezela umlilo ensimbini ngosuku lokuzilungisela kwakhe; imikhonto iyaveva.
4
Izinqola ziyahlanya ezitaladini , ziyaficana ezigcawini ; ukubonakala kwazo kunjengezimbaqa, zigijima njengemibani.
5
Useyakhumbula izikhulu zakhe, ziyakhubeka ekuhambeni kwazo; zisheshela izingange zakhona, izivikelo ziyalungiswa.
6
Amasango emifula ayavulwa, indlu yamakhosi iyancibilika.
7
Kunqunyiwe: liyambulwa, lisuswe; izincekukazi zalo zibubula ngezwi lamajuba, zibetha phezu kwezinhliziyo zazo.
8
Kepha iNineve linjengechibi lamanzi kwasendulo , nokho bayabaleka . Yimani, yimani! Kepha akakho ophendukayo.
9
Phangani isiliva ! Phangani igolide ! Ngokuba akukho ukuphela kokunqwatshelweyo nokukhazimula kwazo zonke izinto ezinxanelekayo.
10
Liyize, alisenalutho, lichithekile; inhliziyo iyancibilika , amadolo ayashayana, imihelo isezinkalweni zonke , nobuso babo bonke buphaphathekile.
11
Uphi umphandu wezingonyama , nedlelo lamabhongo ezingonyama , lapho kwahamba ingonyama nengo nyamakazi nebhongo lengonyama , kungekho okwesabisayo na?
12
Ingonyama yadwengula okwanele amabhongo ayo , yabindela izingonyamakazi zayo ; yagcwalisa imiphandu yayo ngempang o nemigede yayo ngengcugco.
13
Bheka, ngimelene nawe , usho uJehova Sebawoti ; ngiyakushisa izinqola zakho emsini , inkemba idle amabhongo akho ezingonyama ; ngiyakunquma impango yakho emhlabeni, nezwi lezithunywa zakho alisayikuzwakala.