Skip to Content

UGenesise Chapter 24

1 U-Abrahama wayesemdala, eseneminyaka eminingi; uJehova wayembusisile u-Abrahama kukho konke. 2 Wayesethi u -Abrahama encekwini enkulu yendlu yakhe eya yibusa konke anakho: Beka isandla sakho phansi kwethanga lami. 3 Ngizakukufungisa uJehova, uNkulunkulu wezulu noNkulunkulu womhlaba , ukuthi awuyikuthathela indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani engihlezi phakathi kwawo, 4 kepha uye ezweni lakithi nas ezihlotsheni zami, uyithathele khona indodana yami u-Isaka umfazi. 5 Inceku yathi kuyo : Mhlawumbe owesifazane akayikuvuma ukungilandela , eze kuleli zwe ; imbala ngiyakuyibuyisela indodana yakho ezweni , lapho wavela khona na? 6 U-Abrahama wathi kuye : Qaphela u kuba ungayibuyiseli khona indodana yami. 7 UJehova uNkulunkulu wezulu owangikhipha endlini kababa nasezweni lokuzalwa kwami wakhuluma kimi , wafunga kimi , wathi: Ngiyakulinika inzalo yakho leli zwe ; uzakuthuma ingelosi yakhe phambi kwakho , ukuze ungitholele khona indodana yami umfazi. 8 Kepha uma owesifazane engathandi ukukulandela, uyobe ukhululekile kulesi sifungo sami; kodwa ungabuyiseli khona indodana yami. 9 Inceku yayisibeka isandla sayo phansi kwethanga lika -Abrahama inkosi yayo, yafunga kuye ngale ndaba. 10 Inceku yayisithatha amakamela ayishumi emakameleni enkosi yayo , yahamba, izinto zonke ezinhle zenkosi yayo zisesandleni sayo ; yasuka, yaya eMesopotamiya emzini kaNahori. 11 Yaguqisa amakamela ayo ngaphandle komuzi ngasemthonjeni wamanzi kusihlwa, ngesikhathi abaphuma ngaso abesifazane ukuyokukha amanzi. 12 Yathi: Jehova, Nkulunkulu wenkosi yami u -Abrahama, ngiphumelelise kahle namuhla, uyenzele inkosi yami u-Abrahama umusa. 13 Bheka, sengimi ngasemthonjeni wamanzi, amadodakazi abantu bomuzi eza ukukha amanzi. 14 Makuthi intombazana engizakusho kuyo ukuthi : Mawubeke phansi imbiza yakho, ngiphuze, ithi: Phuza, ngizakuphuzisa namakamela akho , ibe yileyo- ke oyimisele inceku yakho u -Isaka; ngalokho ngizakwazi ukuthi wenzele inkosi yami umusa. 15 Kwathi ingakaqedi ukukhuluma , bheka, kweza uRebeka owazalelwa uBetuweli indodana kaMilka , umkaNahori, umfowabo ka -Abrahama, enembiza yakhe ehlombe. 16 Intombazana yayibukeka kahle , iyintombi, engaziwa yindoda ; yehlela ngasemthonjeni, yagcwalisa imbiza yayo, ibisenyuka. 17 Inceku yayisigijima ukuyihlangabeza , yathi: Ake ungiphuzise ingcosana yamanzi embizeni yakho. 18 Yathi: Phuza, nkosi, yashesha yehlisa imbiza yayo esandleni sayo , yayiphuzisa. 19 Kwathi isiqedile ukuyiphuzisa , yathi: Ngiyakukhelela namakamela akho , aze aphuze onke. 20 Yashesha yathululela imbiza yayo emqengqeni , yabuye yaphuthuma emthonjeni ukuyokukha, yakhelela onke amakamela ayo. 21 Indoda yayibhekisisa ithule ukuba yazi , uma uJehova ebephumelelisile indlela yayo noma qha. 22 Kwathi amakamela eseqedile ukuphuz a, indoda yathatha icici legolide , isisindo salo siyinxenye yeshekeli , namasongo amabili ezandla zayo , isisindo sawo singamashekeli ayishumi egolide, yathi: 23 Wena uyindodakazi kabani na ? Ake ungitshele. Kukhona indawo endlini kayihlo ukuba silale na? 24 Yathi kuyo : Indodakazi kaBetuweli indodana kaMilka , amzalela yona uNahori. 25 Yaqhubeka yathi kuyo: Sinotshani nefoliji eliningi, nendawo yokulala. 26 Indoda yayisikhothama, yakhuleka kuJehova, 27 yathi: Makabongwe uJehova , uNkulunkulu wenkosi yami u -Abrahama, ongayekile ukwenzela inkosi yami umusa neqiniso ; uJehova ungiholile mina endleleni kuze kube sendlini yabafowabo benkosi yami. 28 Kepha intombazana yagijima, yatshela abendlu kanina lezo zinto. 29 URebeka wayenomnewabo ogama lakhe linguLabani ; uLabani wagij imela endle kulowo muntu ngasemthonjeni. 30 Kwathi esebone icici namasongo ezandleni zikadadewabo , wezwa amazwi kaRebeka udadewabo, ethi: Washo njalo lo muntu kimi, waya kulowo muntu; bheka, wayemi ngakuwo amakamela ngasemthonjeni. 31 Wathi: Ngena wena obusisekileyo kaJehova; umelani ngaphandle na? Mina sengilungisile indlu nendawo yamakamela. 32 Wayesengena endlini lowo muntu , wakhumula amakamela , wapha amakamela utshani nefoliji , waletha namanzi okugeza izinyawo zakhe nezinyawo zamadoda anaye. 33 Kwabekwa phambi kwakhe ukudla ukuba adle , kepha wathi: Angiyikudla ngingakakhulumi indaba yami. Wathi: Khuluma. 34 Wayesethi: Ngiyinceku ka-Abrahama. 35 UJehova ubusisile kakhulu inkosi yami , yaze yaba nkulu ; uyinike izimvu, nezinkomo, nesiliva, negolide, nezinceku, nezincekukazi, namakamela, nezimbongolo. 36 USara umkankosi yami wayizalela inkosi yami indodana esemdala ; kuyona inikele konke enakho. 37 Inkosi yami yangifungisa yathi : U ngathatheli indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani engihlezi ezweni lawo, 38 kepha uye endlini kababa nasezihlotsheni zami , uyithathele khona indodana yami umfazi. 39 Ngase ngithi enkosini yami: Mhlawumbe owesifazane akayikungilandela. 40 Wathi kimi : U Jehova, engihambe ebusweni bakhe , uzakuthuma ingelosi yakhe nawe , aphumelelise indlela yakho; uyakuyithathela indodana yami umfazi ezihlotsheni zami nasendlini kababa. 41 Lapho uyobe ukhululekile esifungweni sami, nxa ufika ezihlotsheni zami ; noma bengamniki kuwe, uyobe usukhululekile esifungweni sami. 42 Ngase ngifika emthonjeni namuhla , ngithi: Jehova Nkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, uma uphumelelisa indlela yami engiyihambayo, 43 bheka, sengimi ngasemthonjeni wamanzi ; kuyakuthi intombazana eza ukuyokukha, engisho kuyo ukuthi : Ake ungiphuzise ingcosana yamanzi embizeni yakho, 44 ithi kimi : Phuza wena , futhi ngizakuwakhelela namakamela akho , kube yiyo engumfazi uJehova ammiseleyo indodana yenkosi yami. 45 Ngingakaqedi ukukhuluma enhliziyweni yami , bheka, kweza uRebeka enembiza yakhe ehlombe ; wehlela emthonjeni , wakha; ngathi kuye : Ake ungiphuzise. 46 Washesha wehlisa imbiza yakhe ehlombe, wathi: Phuza; ngizakuwaphuzisa namakamela akho; ngaphuza-ke; namakamela wawaphuzisa. 47 Ngambuza ngathi : Wena uyindodakazi kabani na ? Wathi: Indodakazi kaBetuweli indodana kaNahori , amzalela yona uMilka ; ngase ngifaka icici emakhaleni akhe namasongo ezandleni zakhe. 48 Ngakhothama, ngakhuleka kuJehova , ngabonga uJehova , uNkulunkulu wenkosi yami u -Abrahama, obengihole endleleni elungileyo ukuba ngithathele indodana yayo indodakazi yomfowabo wenkosi yami. 49 Manje-ke uma nithanda ukuyenzela inkosi yami umusa neqiniso, ngitsheleni; uma kungenjalo , ngitsheleni, ukuze ngiphendukele ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo. 50 Base bephendula oLabani noBetuweli , bethi: Le ndaba ivela kuJehova ; asinakusho lutho kuwe, noma okubi noma okuhle. 51 Bheka, uRebeka usebusweni bakho; mthathe, uhambe, abe ngumkandodana yenkosi yakho, njengalokho wakhuluma uJehova. 52 Yathi ukuzwa amazwi abo , inceku ka-Abrahama yakhothama emhlabathini phambi kukaJehova. 53 Inceku yakhipha izinto zesiliva n ezinto zegolide kanye nezingubo, yazipha uRebeka; yabanika nomnewabo nonina amagugu. 54 Base bedla bephuza , yona nabantu eyayinabo , balala; sebevuke ekuseni , yathi: Ngithumeni enkosini yami. 55 Umnewabo nonina bathi : Ake ihlale kithina intombazana izinsukwan a, mhlawumbe eziyishumi, andukuba ihambe. 56 Yathi kubo: Ningangilibazisi, njengokuba uJehova eyiphumelelisile indlela yami; ngimukiseni ukuba ngiye enkosini yami. 57 Base bethi: Sizakuyibiza intombazana, sizwe emlonyeni wayo. 58 Bambiza uRebeka , bathi kuye : Uzakuhamba nale ndoda na ? Wathi: Ngizakuhamba. 59 Base bemukisa udadewabo uRebeka , nomzanyana wakhe , nenceku ka - Abrahama, namadoda ayo. 60 Bambusisa uRebeka , bathi kuye : Dadewethu, yiba wena izinkulungwane zezigidi, inzalo yakho inqobe amasango ezitha zayo. 61 URebeka wasuka namantombazana akhe ; bagibela amakamela , balandela indoda; inceku yamthatha uRebeka, yamuka. 62 Kepha u-Isaka wabuya ngaseBeri Lahayi Royi , ngokuba wayehlala ezweni laseningizimu. 63 U-Isaka waphuma ntambama ukuyozindla endle ; waphakamisa amehlo akhe, wabona; bheka, kweza amakamela. 64 NoRebeka waphakamisa amehlo akhe; esembonile u-Isaka wehla ekameleni. 65 Wathi encekwini: Ngubani le ndoda ehamba endle ukuzosihlangabeza na ? Yathi inceku: Yinkosi yami, wayesethatha imvakazi yakhe, wagubuzela. 66 Inceku yayisimtshela u-Isaka konke ebikwenzile. 67 U-Isaka wamngenisa etendeni likanina uSara , wamthatha uRebeka , wabangumkakhe; wamthanda; u-Isaka wayeseduduzeka emva kokufa kukanina.