Skip to Content

UGenesise Chapter 25

1 U-Abrahama waphinda wathatha umfazi ogama lakhe linguKetura. 2 Wamzalela oZimrani , noJokishani, noMedani, noMidiyani, no-Ishibaki, noShuwa. 3 UJokishani wazala oSheba noDedani . Amadodana kaDedani ayengama- Ashuri, namaLetushi, namaLewumi. 4 Amadodana kaMidiyani ayengo-Efa, no-Eferi, noHanoki, no-Abida, no- Elidaha. Bonke labo babengamadodana kaKetura. 5 U-Abrahama wamnika u-Isaka konke anakho. 6 Kepha amadodana ezancinza zika -Abrahama u-Abrahama wawanika izipho nje, wawamukisa ku-Isaka indodana yakhe esekhona , aye ngasempumalanga ezweni lasempumalanga. 7 Lezi ziyizinsuku zeminyaka yokuhamba kuka -Abrahama azihambayo : iminyaka eyikhulu namashumi ayisikhombisa nanhlanu. 8 U-Abrahama wagqibuka wafa , esemdala egugile , esanelisiwe yizinsuku , wabuthelwa kubantu bakhe. 9 O-Isaka no -Ishmayeli amadodana akhe bammbela emhumeni waseMakaphela, ensimini ka-Efroni indodana kaSowari umHeti engaphambi kweMamre, 10 insimu ayithenga u -Abrahama kubo abantwana bakwaHeti ; khona wembelwa u-Abrahama noSara umkakhe. 11 Kwathi emva kokufa kuka -Abrahama uNkulunkulu wambusisa u -Isaka indodana yakhe; u-Isaka wahlala eBeri Lahayi Royi. Inzalo ka-Ishmayeli 12 Lezi ziyizizukulwane zika -Ishmayeli indodana ka -Abrahama, uHagari waseGibithe incekukazi kaSara amzalela zona u-Abrahama. 13 Lawa angamagama am adodana ka -Ishmayeli ngamagama awo nangokuzalwa kwawo: izibulo lika-Ishmayeli nguNebayoti, kanye noKedari, no-Adibeli, noMibisamu, 14 noMishima, noDuma, noMasa, 15 noHadadi, noThema, noJeturu, noNafishi, noKhedema; 16 yilawo angamadodana ka -Ishmayeli, yilawo angamagama awo ngemizi yawo nangezikaniso zawo, izikhulu eziyishumi nambili ngezizwe zawo. 17 Le iyiminyaka yokuhamba kuka -Ishmayeli: iminyaka eyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa; wagqibuka wafa, wabuthelwa kubantu bakhe. 18 Bahlala-ke kwasukela eHavi la kwaze kwaba seShuri elingaphambi kwaseGibithe ekuhambeni ukuya e -Asiriya; wakha ngasempumalanga kwabafowabo. Ukuzalwa kuka-Esawu noJakobe 19 Lezi ziyizizukulwane zika -Isaka indodana ka -Abrahama: u-Abrahama wazala u-Isaka; 20 u-Isaka wayeneminyaka engamas humi amane mhla emthatha uRebeka indodakazi kaBetuweli, umAramu wasePhadani Aramu, udadewabo kaLabani umAramu, abe ngumkakhe. 21 U-Isaka wamkhulekela umkakhe kuJehova , ngokuba wayeyinyumba ; uJehova wamzwela; uRebeka umkakhe wakhulelwa. 22 Abantwana baqhubuku shana phakathi kwakhe ; wathi: Uma kunje , ngisekhona ngani na? Waya wabuza kuJehova. 23 UJehova wathi kuye : Esiswini sakho kukhona izizwe ezimbili ; izinhlobo ezimbili zabantu ziyakwahlukana ezibilinini zakho ; esinye isizwe siyakwahlula esinye, omkhulu akhonze omncane. 24 Kwathi seziphelele izinsuku zakhe zokubeletha, bheka, kwakukhona amawele esiswini sakhe. 25 Waphuma owokuqala, ebomvana wonke umzimba , enjengengubo yoboya; baqamba igama lakhe ngokuthi u-Esawu. 26 Emva kwalokho kwaphuma umfowabo , isandla sakhe sibambelele esithendeni sika -Esawu; igama lakhe labizwa ngokuthi uJakobe ; u-Isaka wayeneminyaka engamashumi ayisithupha ekuzalweni kwabo. 27 Abafana bakhula; u-Esawu waba yiphisi , umuntu wasendle; uJakobe waba yibeka, ehlala ematendeni. 28 U-Isaka wamthanda u-Esawu, ngokuba wayedla inyama yenyamazane yakhe; uRebeka wamthanda uJakobe. 29 Kwathi uJakobe wapheka ukudla, kwafika u-Esawu evela endle, ediniwe. 30 U-Esawu wathi kuJakobe : Ake ungiphe ukuba ngidle kokubomvu , kulokho okubomvu, ngokuba sengidiniwe, ngalokho igama lakhe lathiwa u-Edomi. 31 Wayesethi uJakobe: Thengisa kimi namuhla ngefa lobuzibulo bakho. 32 Wathi u-Esawu: Bheka, sengizakufa; linosizo luni kimi ifa lobuzibulo bami na? 33 UJakobe wathi: Funga kimi namuhla. Wayesefunga kuye, wathengisa ngefa lobuzibulo bakhe kuJakobe. 34 UJakobe wamupha u -Esawu isinkwa nokudla kwembumba ; wadla, waphuza, wavuka, wahamba; wadelela kanjalo u-Esawu ubuzibulo bakhe.