UGenesise Chapter 26
1
Kwaba khona indlala ezweni ngaphandle kwendlala yokuqal a eyayikhona emihleni ka-Abrahama; u-Isaka waya eGerari ku-Abimeleki inkosi yamaFilisti.
2
UJehova wabonakala kuye , wathi: Ungehleli eGibithe ; hlala ezweni engizakukutshela lona,
3
ugogobale kuleli zwe ; ngizakuba nawe, ngikubusise, ngokuba ngiyakunika wena nenzalo yakho onke lawa mazwe , ngigcwalise isifungo engasifunga ku- Abrahama uyihlo.
4
Ngiyakwandisa inzalo yakho , ibe ngangezinkanyezi zezulu , ngiyiphe inzalo yakho onke lawa mazwe ; ngenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba,
5
ngokuba u-Abrahama walalela izwi lami, wagcina ukusho kwami, nemiyalo yami, nezimiso zami, nemithetho yami.
6
U-Isaka wahlala-ke eGarari.
7
Amadoda aleyo ndawo ambuza ngomkakhe ; wathi: Ungudadewethu, ngokuba wesaba ukusho ukuthi : Ungumkami, ethi: Funa amadoda aleyo ndawo angibulale ngenxa kaRebeka, lokhu ebukeka kahle.
8
Kwathi esehlale khona isikhathi eside , u-Abimeleki inkosi yamaFilisti walunguza efasiteleni , wabona; bheka, u-Isaka wayetekula noRebeka umkakhe.
9
U-Abimeleki wambiza u -Isaka, wathi: Bheka, impela yena ungumkakho ; usholoni ukuthi: Ungudadewethu, na? U-Isaka wathi: Ngokuba ngathi: Funa ngife ngenxa yakhe.
10
U-Abimeleki wayesethi : Kuyini okwenzile kithina na ? Bekulula ukuba kufike omunye wabantu, alale nomkakho; ubususibangele icala.
11
U-Abimeleki wayala bonke abantu , wathi: Othinta lo muntu nomkakhe uzakubulawa nokubulawa. Amandla ka-Isaka nokuphikisana ngemithombo
12
U-Isaka watshala kulelo zwe , wathola ngawona lowo mnyaka okuphindwe kayikhulu, ngokuba uJehova wambusisa.
13
Lowo muntu waba mkhulu ; kwayilokhu eqhubeka uk ukhula njalo , waze waba mkhulu kakhulu.
14
Wayenemfuyo yezimvu, nemfuyo yezinkomo, nezinceku eziningi; amaFilisti ayenomhawu ngaye.
15
Yonke imithombo ezaziyimbile izinceku zikayise ezinsukwini zika - Abrahama uyise, amaFilisti ayeyivalile, ayigcwalisa ngomhlabathi.
16
U-Abimeleki wathi ku -Isaka: Suka kithina , ngokuba unamandla kakhulu kunathi.
17
U-Isaka wayesesuka khona, wakha esigodini saseGerari, wahlala lapho.
18
U-Isaka wabuye wemba imithombo yamanzi ababeyimbile ezinsukwini zika-Abrahama uyise , ngokuba ama Filisti ayeyivalile emva kokufa kuka - Abrahama; wayibiza ngamagama ayiqamba ngawo uyise.
19
Izinceku zika -Isaka zemba esigodini , zafumana umthombo wamanzi aphethuzayo.
20
Abelusi baseGerari baphikisana nabelusi baka -Isaka, bathi: Amanzi angawethu. Wabiza igam a lomthombo ngokuthi i -Eseke, ngokuba baphikisana naye.
21
Bemba omunye umthombo , baphikisana nangawo . Waqamba igama lawo ngokuthi iSitina.
22
Wasuka lapho, wemba omunye umthombo; abaphikisananga ngawo; wabiza igama lawo ngokuthi iRehoboti , wathi: Ngokuba uJehova usenzele indawo ; siyakwanda ezweni. Isithembiso sika-Abrahama siyaphindwa ku-Isaka
23
Wasuka lapho, wakhuphuka waya eBeri Sheba.
24
UJehova wabonakala kuye ngabona lobo busuku, wathi: NginguNkulunkulu kayihlo u -Abrahama; ungesabi, ngokuba nginawe ; ngizakukubusisa, ngiyandise inzalo yakho ngenxa yenceku yami u-Abrahama.
25
Wakha khona i -altare, wakhuleka egameni likaJehova , wamisa lapho itende lakhe; izinceku zika-Isaka zemba umthombo khona. Isivumelwano sika-Isaka no-Abimeleki
26
U-Abimeleki wayeseya ku ye evela eGerari , eno-Ahuzati umngane wakhe noPikoli induna yempi yakhe.
27
U-Isaka wathi kubo : Nizeleni kimi, lokhu niyangizonda, ningixoshile kini, na?
28
Bathi: Sesibone nokubona ukuthi uJehova unawe . Sathi: Akube khona manje phakathi kwethu isifungo, phakathi kwethu nawe, senze isivumelwano nawe
29
sokuthi awuyikusenzela okubi , njengokuba singakuthintanga, sikwenzele okuhle kodwa, sakumukisa ngokuthula; wena usubusiswe nguJehova.
30
Wabenzela idili, badla, baphuza.
31
Bavuka ekuseni , bafungisana omunye nomun ye; u-Isaka wayesebamukisa, basuka kuye ngokuthula.
32
Kwathi ngalolo suku zafika izinceku zika -Isaka, zamtshela ngomthombo ezaziwumbile, zathi kuye: Sitholile amanzi.
33
Wayesewubiza ngokuthi iSheba ; ngalokho igama lomuzi lithi iBeri Sheba kuze kube namuhla. Amakhosikazi ka-Esawu
34
Kwathi u -Esawu eseneminyaka engamashumi amane , wathatha umfazi uJuditi indodakazi kaBeri umHeti noBasemati indodakazi ka-Eloni umHeti.
35
Baba lusizi enhliziyweni ka-Isaka noRebeka.