UGenesise Chapter 23
1
Ukuhamba kukaSara kwaba yiminyaka eyikhulu namashumi amabili nesikhombisa; yileyo iminyaka yokuhamba kukaSara.
2
USara wafela eKiriyati Araba okuyiHebroni ezweni laseKhanani ; u- Abrahama wafika ukumlilela uSara nokumkhalela. U-Abrahama uthenga ithuna
3
U-Abrahama wasuka kofileyo wakhe , wakhuluma nabantwana bakwaHeti , wathi:
4
Ngingumfokazi nozulane phakathi kwenu ; ngipheni indawo yethuna phakathi kwenu ukuba ngimmbele ofileyo wami, angabikho ebusweni bami.
5
Abantwana bakwaHeti baphendula u-Abrahama, bathi kuye:
6
Sizwe, nkosi; wena uyisikhulu sikaNkulunkulu phakathi kwethu ; mmbele ofileyo wakho kwelihle kuwo onke amathu na ethu; akakho phakathi kwethu ozakugodlela wena ithuna lakhe ukuba ummbele ofileyo wakho.
7
U-Abrahama wayesesukuma, wakhothamela abantu balelo zwe, abantwana bakwaHeti,
8
wakhuluma nabo , wathi: Uma kuyintando yenu ukuba ngimmbele ofileyo wami, angabikho ebusweni bami, ngizweni, ninginxusele ku-Efroni indodana kaSowari
9
ukuba angiphe umhume waseMakaphela anawo emkhawulweni wensimu yakhe, awunike kimi ngemali efanele wona , ube yindawo yokumbela phakathi kwenu.
10
U-Efroni wayehlezi phakathi kwabantwana bakwaH eti: u-Efroni umHeti wamphendula u -Abrahama ezindlebeni zabantwana bakwaHeti phambi kwabo bonke abangena esangweni lomuzi wakhe, wathi:
11
Cha, nkosi; ngilalele: ngiyakunika le nsimu , nomhume okuyo ngikunika wona; ebusweni bamadodana abantu bami ngikunika wona; mmbele lapho ofileyo wakho.
12
U-Abrahama wakhothamela ebusweni babantu balelo zwe.
13
Wakhuluma ku -Efroni ezindlebeni zabantu balelo zwe , wathi: Ake ungilalele: ngizakukunika imali yensimu ; yamukele kimi, ngimmbele khona ofileyo wami.
14
U-Efroni wamphendula u-Abrahama, wathi kuye:
15
Nkosi yami , ngilalele: izwe elilingene namashekeli angamakhulu amane esiliva liyini phakathi kwami nawe na? Mmbele ofileyo wakho.
16
U-Abrahama wamuzwa u -Efroni; u-Abrahama wamlinganisela u -Efroni isiliva abelishilo ezindle beni zabantwana bakwaHeti , amashekeli angamakhulu amane esiliva, avunywa ngabathengisi.
17
Kanjalo insimu ka -Efroni yaseMakaphela elingaphambi kweMamre , insimu nomhume okuyo , nemithi yonke esensimini nxazonke kuze kube semikhawulweni yonke
18
kwaba yinzuzo k a-Abrahama emehlweni abantwana bakwaHeti phambi kwabo bonke abangena esangweni lomuzi wakhe.
19
Emva kwalokho u -Abrahama wammbela uSara umkakhe emhumeni wasensimini yaseMakaphela phambi kweMamre okuyiHebroni ezweni laseKhanani.
20
Insimu nomhume okuyo kwase kunqunyelwa u -Abrahama ngabantwana bakwaHeti, kube yindawo yethuna.