Skip to Content

U-Isaya Chapter 26

1 Ngalolo suku lesi sihlabelelo siyakuhlatshelelwa ezweni lakwaJuda sokuthi : Umuzi onamandla sinawo; uyasimisela insindiso ibe yizingange nezindonga. 2 Vulani amasango ukuba isizwe esilungileyo esigcina iqiniso singene. 3 Inhliziyo eqinileyo uyayilinda ngokuthula okupheleleyo, ngokuba yethemba kuwe. 4 Thembani kuJehova kuze kube phakade, ngokuba uJehova, yebo, uJehova uyidwala elingunaphakade. 5 Ngokuba uthobisile ababehlezi phezulu , umuzi ophakemeyo ; uyawubhidliza, uyawubhidliza kuze kube semhlabathini , awusondeze nasothulini. 6 Unyawo luyakuwunyathela phansi , izinyawo zabaswelayo, izinyathelo zabampofu. 7 Indlela yabalungileyo iqondile , umkhondo wabaqotho ulungile , uyawenza ukuba ulingane. 8 Yebo, ezindleleni zezahlulelo zakho , Jehova, sikuhlalele. Umphefumulo uyalangazelela igama lakho nesikhumbuzo sakho. 9 Ngomphefumulo wami ngikulangazelela ebusuku , yebo, ngomoya wami ophakathi kwami ngiyakufunisisa , ngokuba lapho izahlulelo zakho zisemhlabeni, abakhileyo bezwe bafunda ukulunga. 10 Uma omubi ephiwa umusa , akafundi ukulunga ; ezweni lobuqotho uyakwenza ukonakala, angaboni ukuphakama kukaJehova. 11 Jehova, isandla sakho siphakeme , kepha kababoni ; kodwa mababone ukushisekela kwakho abantu, babe namahloni; yebo, umlilo uyakuqeda izitha zakho. 12 Jehova, uyakusimisela ukuthula ; ngokuba nayo yonke imisebenzi yeth u senzelwe yona nguwe. 13 Jehova Nkulunkulu wethu , amanye amakhosi angaphandle kwakho asibusile, kepha kuwena wedwa siyadumisa igama lakho. 14 Abafileyo ababuyi baphile , izithunzi azibuyi zivuke ; ngalokho wabahambela, wabachitha, wenza ukuba konke ukukhunjulwa kwabo kuphele. 15 Wandisa isizwe , Jehova, wandisa isizwe , wadunyiswa, wavula yonke imikhawulo yezwe. 16 Jehova, besekuhluphekeni bakuhambela , bazethula ngemikhuleko lapho belaywa nguwe. 17 Njengokhulelweyo osondela ukuba abelethe ezwiswa ubuhlungu, saba njalo phambi kobuso bakho, Jehova. 18 Sasikhulelwe, sasinobuhlungu, sabeletha kungathi umoya nje ; asenzanga insindiso emhlabeni, nabayakwakha ezweni abasazalwa. 19 Kepha abafiley o bakho bayakubuye baphile , izidumbu zabo zivuke . Phaphamani, nijabule nina enihlala othulini , ngokuba amazolo akho angamazolo okukhanya, nomhlaba uyakubakhipha abafileyo. 20 Wozani, bantu bami , ningene emakamelweni enu , nizivalele iminyango , nicashe ngokuphazima kweso, kuze kudlule ulaka. 21 Ngokuba bhekani , uJehova uyaphuma endaweni yakh e ukuba ahambele ububi babakhileyo emhlabeni ; umhlaba uyakubonakalisa igazi lawo , ungabe usabasibekela ababuleweyo babo.