"wabeka"
72 occurrences in ZUL
Wamxosha u -Adamu, wabeka ngasempumalanga kwensimu yase -Edene amakherubi kanye nenkemba yelangabi ephenduphendukayo , ilinde indlela eya emthini wokuphila.
Kepha uJehova wathi kuye : Ngalokho obulala uKayini uyakuphindiselwa kasikhombisa. UJehova wabeka uphawu kuKayini , funa omfumanayo ambulale.
Wamthathela zonke lezo , wazinquma phakathi , wabeka kwaba yileyo naleyo nxenye ukuba ibhekane nenye; kepha izinyoni akazinqumanga.
UJakobe wayesahlukanisa amawundlu , wabhekisa ubuso bemihlambi kwezinemishwe nakwezimnyama emhlambini kaLabani ; wabeka amaqembu akhe abe wodwa engawafaki emhlambini kaLabani.
Kwathi l apho ibiyakumitha imihlambi eqinileyo , uJakobe wabeka izinti phambi kwamehlo emihlambi emiqengqeni ukuba imithe phakathi kwezinti.
Wabeka izincekukazi n abantwana bazo ngaphambili, uLeya nabantwana bakhe ngasemuva, oRaheli noJosefa ngasekugcineni.
Wabona uJosefa ukuthi uyise wabeka isandla sakhe sokunene ekhanda lika- Efrayimi, kwaba kubi emehlweni akhe ; wasibamba isandla sikayise ukuba asisuse ekhanda lika-Efrayimi, asibeke ekhanda likaManase.
UMose walimisa itabernakele, wabeka izinyawo zalo, wamisa amapulangwe alo, wafaka imishayo yalo, wamisa izinsika zalo.
Weneka itende phezu kwetabernakele , wabeka isifulelo setende phezu kwalo, njengalokho uJehova emyalile uMose.
Wathabatha, wabufaka ubufakazi emphongolweni , wafaka izinti emphongolweni, wabeka isihlalo somusa phezu komphongolo.
Wabeka i -altare lomnikelo woku shiswa ngasemnyango wetabernakele letende lokuhlangana, wanikela kulo ngomnikelo wokushiswa nangomnikelo wempuphu, njengalokho uJehova emyalile uMose.
U-Aroni wenze n jalo; wabeka izibani zalo ukuba zikhanyise ngaphambi kothi lwezibani, njengalokho uJehova emyalile uMose.
U-Aroni wayesekuthatha njengalokho ekhulumile uMose , wagijima phakathi kwebandla ; bheka, isifo sase siqalile phakathi kwabantu ; wabeka impepho, wabenzela abantu ukubuyisana.
wabeka izandla zakhe phezu kwakhe , wamnika isikhundla , njengalokho uJehova ekhulumile ngesandla sikaMose.
Lapho bekhala kuJehova , wabeka ubumnyama phakathi kwenu nabaseGibithe, waluhambisa ulwandle phezu kwabo , wabasibekela; amehlo enu abona engakwenzayo eGibithe; nahlala ehlane izinsuku eziningi.
Kepha uJonathani akezwanga lapho uyise efungisa abantu; ngalokho welula isihloko senduku esesandleni sakhe , wasicwilisa ezinyosini, wabeka isandla emlonyeni; ayeseqabuka amehlo akhe.
wabeka ukuphila kwakhe esandleni sakhe , wabulala umFilisti , uJehova wamenzela wonke u -Israyeli insindiso enkulu , wakubona wena, wathokoza; pho, uyakulonelani igazi elingenacala, umbulale uDavide engone lutho na?
UMikhali wathatha itherafi, walibeka embhedeni, wabeka isicamelo soboya bezimbuzi ngasekhanda lalo, walembesa izingubo.
U-Abisalomu wabeka u-Amasa phezu kwempi esikhundleni sikaJowabe. U- Amasa wayeyindodana yomuntu ogama lakhe lalingu -Itira umIsrayeli , owangena ku -Abigali indodakazi kaNahashi , udadewabo kaSeruya unina kaJowabe.
Futhi wena uyazi okwenziwayo kimi nguJowabe indodana kaSeruya , nalokho akwenzayo kuzo izinduna ezimbili zezimpi zak wa-Israyeli, o-Abineri indodana kaNeri no-Amasa indodana kaJetheri, owababulala, wachitha igazi lokulwa ngesikhathi sokuthula , wabeka igazi lokulwa kulo ibhande lakhe elalisokhalweni lwakhe nasezicathulweni zakhe ezazisezinyaweni zakhe.
Wavuka phakathi kwamabili , wathatha umfana wami eceleni kwami , incekukazi yakho ilele ubuthongo, wambeka esifubeni sakhe, wabeka umfana wakhe ofileyo esifubeni sami.
UJerobowamu wagubha umkhosi ngenyanga yesishiyagalombili ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga njengomkhosi wakwaJuda , wenyukela e - altare; wenze njalo eBethele ukuba ahlabele amathole awenzileyo ; wabeka eBethele abapristi bezindawo eziphakemeyo azenzileyo.
Ezinsukwini zakhe uHiyeli waseBethele wabuye wakha iJeriko ; wabeka isisekelo salo ngokulahlekelwa ngu-Abiramu izibulo lakhe, wamisa amasango alo ngokulahlekelwa yithunjana lakhe uSegubi , njengezwi likaJehova owalikhuluma ngesandla sikaJoshuwa indodana kaNuni.
Wayesekhuphuka u -Ahabi ukuba adle , aphuze. U-Eliya wakhuph ukela esiqongweni saseKarmeli , wakhothamela phansi , wabeka ubuso bakhe phakathi kwamadolo akhe.
Wakhuphuka, walala phezu komntwana , wabeka umlomo wakhe phezu komlomo wakhe, namehlo akhe phezu kwamehlo akhe , nezandla zakhe phezu kwezandla zakhe ; lapho esekhothama phezu kwakhe , inyama yomntwana yafudumala.
Wathi enkosini yakwa -Israyeli: Beka isandla sakho emnsalw eni. Yabeka-ke isandla sayo. U-Elisha wabeka izandla zakhe phezu kwezandla zenkosi.
Wabeka isithombe esibaziweyo sika -Ashera asenzileyo endlini asho ngayo uJehova kuDavide nakuSolomoni indodana yakhe ukuthi : Kule ndlu naseJerusalema engilikhethile ezizweni zonke zakw a-Israyeli ngiyakubeka igama lami kuze kube phakade;
UDavide wayala ukuba babuthe bonke abafokazi ababe sezweni lakwa - Israyeli, wabeka abakhi ukubaza amatshe axhoziweyo ukuba bakhe indlu kaNkulunkulu.
Wenza isihenqo ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu , nangelineni elicolekileyo, wabeka kuso amakherubi.
Wenza imicengezi eyishumi , wabeka eyisihlanu ngakwesokunene neyisihlanu ngakwesokhohlo ukuhla mbela kuyo ; okweminikelo yokushiswa babekugezela kuyo, kepha ulwandle lwalungolokuhlambela abapristi.
Emizini yonke , yileyo naleyo , wabeka izihlangu nemikhonto , wayiqinisa kakhulu impela. ElakwaJuda nelakwaBenjamini lalingelakhe. Abapristi namaLevi baya kwaJuda
URehobowamu wabeka u -Abiya, indodana kaMahakha, abe yinhloko, abe ngumbusi phakathi kwabafowabo, ngokuba wacabanga ukumbeka inkosi.
Wabeka amabutho emizini yonke ebiyelweyo yakwaJuda , wabeka amakhanda ezweni la kwaJuda, nasemizini yakwa -Efrayimi u -Asa uyise ayithathileyo.
Lapho sebeqala ukuhalalisa nokudumisa , uJehova wabeka abaqamekeli babantwana bakwa -Amoni, nabakwaMowabi, nabaseSeyiri, ababefikele uJuda, banqotshwa.
Waziqinisa, wakha lonke ugange olwaludiliziwe , wabeka imibhoshongo phezu kwalo, nolunye ugange ngaphandle , waqinisa iMilo emzini kaDav ide, wenza izikhali nezihlangu eziningi.
Wabeka izinduna zempi phezu kwabantu , wazibuthela bona esigcawini ngasesangweni lomuzi, wakhuluma kahle kubo, wathi:
Wabeka umfanekiso obaziweyo wesithombe awenzileyo endlini kaNkulunkulu asho ngayo uNkulunkulu kuDavide nakuSolomoni indodana yakhe ukuthi : Kule ndlu naseJerusalema engilikhethile ezizweni zonke zakwa-Israyeli ngiyakubeka igama lami kuze kube phakade;
Emva kwalokho wakha ugange olungaphandle komuzi kaDavide ngasentshonalanga kwaseGihoni esigodini kuze kube sekungeneni kweSango Lezinhlanzi; walihaqa i -Ofeli, waliphakamisa kakhulu ; wabeka izinduna ezinamandla emizini yonke ebiyelweyo yakwaJuda.
Wayesefika lowo Sheshebasari , wabeka izisekelo zendlu kaNkulunkulu eseJerusalema; kusukela kuleso sikhathi kuze kube manje isakhiwa njalo , kayikapheli.
UNkulunkulu wami wabeka enhlizi yweni yami ukuba ngibuthe abakhulu , nababusi, nabantu, ukuze babhalwe ngezizukulwane . Ngafumana incwadi yezizukulwane zabakhuphuka kuqala, ngafumana kulotshiwe kuyo ukuthi:
Inkosi u-Ahashiveroshi yathi ku-Esteri, inkosikazi, nakuMoridekayi, umJuda: Bhekani, nginike u -Esteri indlu kaHamani ; yena bamphanyekile emthini , ngokuba wabeka isandla sakhe kubaJuda.
Wabeka igama elisha emlonyeni wami , igama lokubonga uNkulunkulu wethu; abaningi bayakukubona, besabe, bamethembe uJehova.
Ngokuba wamisa ubufakazi kwaJakobe , wabeka umthetho kwa -Israyeli, ayala ngawo obaba ukuba bafundise abantwana babo,
Wabeka isithombe sakho emva kwezicabha nezinsika , wazambulela omunye kunami, wakhwela embhedeni , wawandisa, wavumelana nabo , wayithanda imibhede yabo, wazibonelela indawo.
Wathatha izingubo zakho ezifekethisiweyo, wazisibekela, wabeka amafutha ami nempepho yami phambi kwazo.
Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngenxa yokuba uphakeme ngobude, wabeka isihloko sawo phakathi kwamafu , nenhliziyo yakhukhumala ngokuphakama kwawo,
Isiprofetho. Izwi likaJehova ngo -Israyeli. UJehova oweneka amazulu , wabeka isisekelo somhlaba , wabumba umoya womuntu phakathi kwakhe , uthi:
Wayengenakwenza lapho nowodwa umsebenzi wamandla ngaphandle kokuthi wabeka izandla phezu kwabagulayo abayingcosana, wabaphulukisa.
Wayibamba impumputhe ngesandla , wayiholela ngaphandle komuzi , wafela amathe emehlweni ayo , wabeka izandla phezu kwayo , wayibuza wathi: Ubona utho na?
Ufana nomuntu owayakha indlu , wemba washonisa , wabeka isisekelo edwaleni. Ekufikeni kwesikhukhula umfula washaya leyo ndlu , kepha wawungenamandla okuyinyakazisa, ngokuba yayakhiwe kahle.
Khona wahamba u -Ananiya, wangena endlini , wabeka izandla phezu kwakhe, wathi: Sawulu umzalwane , iNkosi uJesu eyabonakala kuwe endleleni oze ngayo , ingithumile ukuba ubuye ubone , ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele.