Skip to Content

UGenesise Chapter 21

1 UJehova wamhambela uSara njengokusho kwakhe ; UJehova wenza kuSara njengalokho ekhulumile. 2 USara wakhulelwa , wamzalela u -Abrahama indodana esemdala kuleyo nkathi uNkulunkulu abeyishilo kuye. 3 U-Abrahama waqamba igama lendodana yakhe azalelwe yona , ayizalelwe nguSara, ngokuthi u-Isaka. 4 U-Abrahama wayisoka indodana yakhe u -Isaka isinezinsuku eziyisishiyagalombili, njengalokho uNkulunkulu emyalile. 5 U-Abrahama wayeneminyaka eyikhulu , lapho ezalelwa u -Isaka indodana yakhe. 6 USara wathi: UNkulunkulu ungenzile ukuba ngihl ekeke; bonke abakuzwayo bayakungihleka. 7 Wathi futhi: Ngubani obengasho ku-Abrahama ukuthi uSara ubeyakuncelisa abantwana na? Ngokuba sengimzalele indodana esemdala. O-Ishmayeli noHagari besehlane 8 Umntwana wakhula, walunyulwa; u-Abrahama wenza idili elikh ulu mhla u- Isaka elunyulwa. 9 USara wabona indodana kaHagari owaseGibithe ayizalele u -Abrahama idlalisa. 10 Wathi ku -Abrahama: Sixoshe lesi sigqilakazi nendodana yaso , ngokuba indodana yalesi sigqilakazi ayiyikudla ifa kanye nendodana yami u-Isaka. 11 Leli zwi lalilibi kakhulu emehlweni ka-Abrahama ngenxa yendodana yakhe. 12 UNkulunkulu wathi ku -Abrahama: Akungabi lukhuni emehlweni akho ngenxa yomfana nangenxa yesigqilakazi sakho ; kukho konke uSara akusho kuwe, lalela izwi lakhe, ngokuba inzalo yakho iyakubizwa ngo-Isaka. 13 Nayo indodana yesigqilakazi ngiyakuyenza isizwe , ngokuba iyinzalo yakho. 14 U-Abrahama wavuka ekuseni , wathatha isinkwa nemvaba yamanzi , wakunika uHagari ekubeka ehlombe lakhe kanye nomntwana , wammukisa; wahamba, wazulazula ehlane laseBeri Sheba. 15 Amanzi esephelile emvabeni, waphonsa umntwana phansi kwesihlahla. 16 Waya wahlala phansi kukhashana phambi kwakhe , kungathi ibanga lokuphonsa umcibisholo , ngokuba wathi : Ngingebone ukufa komntwana . Wahlala phambi kwakhe, waphakamisa izwi lakhe, wakhala. 17 UNkulunkulu wezwa izwi lomfana . Ingelosi kaNkulunkulu yamemeza kuHagari isezulwini , yathi kuye : Kuyini, Hagari? Ungesabi, ngokuba uNkulunkulu ulizwile izwi lomntwana, lapho ekhona. 18 Vuka uphakamise umfana , umbambe ngesandla sakho , ngokuba ngiyakumenza isizwe esikhulu. 19 UNkulunkulu wavula amehlo akhe , wabona umthombo wamanzi , waya, wagcwalisa imvaba ngamanzi, wamphuzisa umfana. 20 UNkulunkulu wayenaye umfana; wakhula, wahlala ehlane, waba ngophethe umnsalo. 21 Wahlala ehlane lasePharanu ; unina wamtha thela umfazi ezweni laseGibithe. Isivumelwano sika-Abrahama no-Abimeleki 22 Kwathi ngaleso sikhathi u -Abimeleki noPikoli , induna yempi yakhe , bakhuluma ku -Abrahama, bathi: UNkulunkulu unawe kukho konke okwenzayo. 23 Ngalokho ngithembise lapha ngokufunga uNk ulunkulu ukuthi awuyikungikhohlisa mina nendodana yami nomzukulwana wami ; kepha ngokomusa engiwenzile kuwe, mawuwenze nakimi nakulo izwe osugogobele kulo. 24 U-Abrahama wathi: Ngizakufunga. 25 Kepha u -Abrahama wamsola u -Abimeleki ngomthombo wamanzi ebeziwuqhwagile izinceku zika-Abimeleki. 26 Kepha u -Abimeleki wathi : Angazi ukuthi kwenziwe ngubani lokhu ; nawe awungitshelanga, nami angikuzwanga kuze kube namuhla. 27 U-Abrahama wayesethatha izimvu nezinkabi , wazipha u -Abimeleki; labo bobabili benza isivumelwano. 28 U-Abrahama wabeka izimvukazana eziyisikhombisa zomhlambi ngokwazo. 29 U-Abimeleki wathi ku -Abrahama: Lezi zimvukazana eziyisikhombisa ozibeke zodwa ziyini na? 30 Wathi: Lezi zimvukazana eziyisikhombisa uyakuzithatha esandleni sami , zibe ngubufakazi bokuthi ngiwumbile lomthombo. 31 Ngalokho waqamba leyo ndawo ngokuthi iBeri Sheba , ngokuba bafunga khona bobabili. 32 Base benza isivumelwano eBeri Sheba ; u-Abimeleki wasukuma noPikoli induna yempi yakhe, babuyela ezweni lamaFilisti. 33 U-Abrahama watshala umtamarisk e ngaseBeri Sheba , wakhuleka khona egameni likaJehova uNkulunkulu Ongunaphakade. 34 U-Abrahama wagogobala ezweni lamaFilisti izinsuku eziningi.