Skip to Content

UGenesise Chapter 4

1 U-Adamu wamazi umkakhe u -Eva; wakhulelwa, wazala uKayini ; wathi: Ngitholile indoda kuJehova. 2 Waphinda wazala u -Abela umfowabo . U-Abela waba ngumalusi , uKayini waba ngumlimi. 3 Kwathi emva kwezinsuku ezithile uKayini waletha kuJehova umnikelo wezithelo zomhlabathi. 4 Naye u-Abela waletha umnikelo kuwo amazibulo ezimvu zakhe ezinonileyo. UJehova wanaka u-Abela nomnikelo wakhe. 5 Kepha uKayini nomnikelo wakhe akawunakanga. Wayesethukuthela kakhulu uKayini, ubuso bakhe banyukumala. 6 UJehova wathi kuKayini: Uthukuthelelani na ? Ubuso bakho bunyukumeleleni na? 7 Angithi uma wenza kahle , uyamukeleka na ? Uma ungenzi kahle , isono sihlezi ngasemnyango ; ukunxanela kwaso kukuwe , kepha wena umelwe ukusibusa. 8 UKayini wakhuluma ku -Abela umf owabo, wathi: Masiye endle . Kwathi besendle, uKayini wasukela umfowabo u-Abela, wambulala. 9 Wayesethi uJehova kuKayini : Uphi umfowenu u -Abela na ? Wathi: Angazi; ngingumlindi womfowethu na? 10 Khona wathi : Wenzeni na ? Izwi legazi lomfowenu liyakhala kimi lisemhlabathini. 11 Usuqalekisiwe emhlabathini ovulile umlomo wawo ukwamukela igazi lomfowenu esandleni sakho. 12 Uma ulima umhlabathi , awusayikukunika isithelo sawo ; wena uyakuba ngumhambuma nozulane emhlabeni. 13 Khona wathi uKayini kuJehova: Isono sami sikhulu kunokuba ngisithwale. 14 Bheka, uyangixosha namuhla ebusweni bomhlaba , ngicashe ebusweni bakho; ngiyakuba ngumhambuma nozulane emhlabeni , ongifumanayo angibulale. 15 Kepha uJehova wathi kuye : Ngalokho obulala uKayini uyakuphindiselwa kasikhombisa. UJehova wabeka uphawu kuKayini , funa omfumanayo ambulale. 16 Wayesesuka uKayini ebusweni bukaJehova , wahlala ezweni laseNodi ngasempumalanga kwase-Edene. Inzalo kaKayini 17 UKayini wamazi umkakhe ; wakhulelwa, wazala u -Enoke. Wakha umuzi , wawuqamba igama lokuthi u-Enoke ngegama lendodana yakhe. 18 U-Enoke wazala u-Irade; u-Irade wazala uMehujayele; uMehujayele wazala uMetushayele; uMetushayele wazala uLameka. 19 ULameka wazithathela abafazi ababili ; igama lomunye lalingu -Ada, igama lomunye lalinguSila. 20 U-Ada wazala u Jabale; yena waba nguyise wabahlala ematendeni , befuya izinkomo. 21 Igama lomfowabo lalinguJubale; yena waba nguyise wabo bonke ababetha ihabhu nomtshingo. 22 USila wazala uThubali Kayini ; wayengumkhandi wazo zonke izinto zethusi nezensimbi ezisikayo. Udadewabo kaThubali Kayini wayenguNahama. 23 ULameka wathi kubo abafazi bakhe : Ada noSila , yizwani izwi lami ; nina bafazi bakaLameka , lalelani ukusho kwami : Bhekani, ngibulala umunt u ngenxeba engilitholayo, nensizwa ngomvimbo engiwuzwiswayo. 24 Yebo, uKayini uyakuphindiselwa kasikhombisa, kepha uLameka kamashumi ayisikhombisa, aphindwe kasikhombisa. 25 U-Adamu wabuye wamazi umkakhe ; wazala indodana, wamqamba igama lokuthi uSeti , ethi: UNkulunkulu ungibekele enye inzalo esikhundleni sika - Abela, njengokuba uKayini umbulele. 26 Naye uSeti wazala indodana , wayiqamba igama layo ngokuthi u -Enoshe. Ngaleso sikhathi abantu baqala ukukhuleka egameni likaJehova.