UGenesise Chapter 5
1
Lokhu kuyincwadi yezizukulwane zika -Adamu. Msukwana uNkulunkulu edala umuntu wamenza ngomfanekiso kaNkulunkulu.
2
Wabadala owesilisa nowesifazane , wababusisa, waqamba igama labo ngokuthi abantu mhla bedalwa.
3
U-Adamu wahamba iminyaka eyikhulu namashumi amathathu, wazala indodana ngomfanekiso wakhe efana naye, wayiqamba igama lokuthi uSeti.
4
Izinsuku zika-Adamu emva kokuzalwa kukaSeti zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili; wazala amadodana namadodakazi.
5
Zonke izinsuku zokuhamba kuka-Adamu zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amathathu; wayesefa.
6
USeti wahamba iminyaka eyikhulu nanhlanu, wazala u-Enoshe.
7
Emva kokuzalwa kuka -Enoshe uSeti wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili nesikhombisa, wazala amadodana namadodakazi.
8
Zonke izinsuku zikaSeti zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye neshumi nambili; wayesefa.
9
U-Enoshe wahamba iminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye , wazala uKhenani.
10
Emva kokuzalwa kukaKhenani u -Enoshe wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili neshumi nanhlanu, wazala amadodana namadodakazi.
11
Zonke izinsuku zika -Enoshe zaziyim inyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye nanhlanu; wayesefa.
12
UKhenani wahamba iminyaka engamashumi ayisikhombisa, wazala uMahalalele.
13
Emva kokuzalwa kukaMahalalele uKhenani wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amane , wazala amadodan a namadodakazi.
14
Zonke izinsuku zikaKhenani zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye neshumi; wayesefa.
15
UMahalalele wahamba iminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu , wazala uJarede.
16
Emva kokuzalwa kukaJarede uMahalalele wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amathathu , wazala amadodana namadodakazi.
17
Zonke izinsuku zikaMahalele zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili namashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu; wayesefa.
18
UJarede wahamba iminyaka eyikhulu namashumi ayisithu pha namabili , wazala u-Enoke.
19
Emva kokuzalwa kuka-Enoke uJarede wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili, wazala amadodana namadodakazi.
20
Zonke izinsuku zikaJarede zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisithupha nambili; wayesefa.
21
U-Enoke wahamba iminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu , wazala uMetushela.
22
Emva kokuzalwa kukaMetushela u -Enoke wahamba noNkulunkulu iminyaka engamakhulu amathathu, wazala amadodana namadodakazi.
23
Zonke izinsuku zika -Enoke zaziyiminyaka engam akhulu amathathu namashumi ayisithupha nanhlanu.
24
U-Enoke wayehamba noNkulunkulu ; kepha wayesengasekho nje , ngokuba uNkulunkulu wamthabatha.
25
UMetushela wahamba iminyaka eyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nesikhombisa, wazala uLameka.
26
Emva kokuzal wa kukaLameka uMetushela wahamba iminyaka engamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisishiyagalombili nambili , wazala amadodana namadodakazi.
27
Zonke izinsuku zikaMetushela zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisithupha nesishiyagalolunye; wayesefa.
28
ULameka wahamba iminyaka eyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nambili, wazala indodana.
29
Waqamba igama layo ngokuthi uNowa , ethi: Lo uyakusiduduza emsebenzini wethu nasenkathazweni yezandla zethu emhlabathini awuqalekisa uJehova.
30
Emva kok uzalwa kukaNowa uLameka wahamba iminyaka engamakhulu ayisihlanu namashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu , wazala amadodana namadodakazi.
31
Zonke izinsuku zikaLameka zaziyiminyaka engamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisikhombisa nesikhombisa; wayesefa.
32
UNowa wahamba iminyaka engamakhulu ayisihlanu ; uNowa wazala oShemi, noHamu, noJafete.