KumaHeberu Chapter 1
1
UNkulunkulu esekhulumile endulo kokhokho ngabaprofethi ngamathuba amaningi nangezindlela eziningi,
2
ekugcineni kwale mihla ukhulume kithina ngeNdodana ayimise ibe yindlalifa yakho konke, owadala ngayo futhi izwe.
3
Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ay o, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono , yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu,
4
seyaba nkulu kunezingelosi , njengalokhu igama eliyifa layo likhulu kunelazo. UKristu uyiNdodana kaNkulunkulu
5
Ngokuba yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi: UyiNdodana yami wena, namuhla ngikuzele , na? nokuthi: Ngiyakuba nguYise kuyona , yona ibe yiNdodana kimina, na?
6
Futhi mhla engenisa oyizibulo emhlabeni uthi : Nezingelosi zonke zikaNkulunkulu mazikhuleke kuye.
7
Ngezingelosi uthi: Owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya, izikhonzi zakhe zibe ngamalangabi omlilo.
8
Kepha ngeNdodana uthi : Isihlalo sakho sobukhosi , Nkulunkulu, singesaphakade naphakade; intonga yobuqotho iyintonga yombuso wakho.
9
Uthandile ukulunga , wazonda ububi ; ngalokho-ke uNkulunkulu , uNkulunkulu wakho , ukugcobile ngamafutha enjabul o ngaphezu kwabafowenu,
10
nokuthi: Wena Nkosi , ekuqaleni wabeka isisekelo somhlaba ; amazulu angumsebenzi wezandla zakho.
11
Wona ayakubhubha , kepha wena umi njalo ; wona onke ayakuguga njengengubo.
12
Njengesambatho uyakuwagoqonga, njengengubo ayakuguquka. Kepha wena unguye njalo, iminyaka yakho ayiyukuphela.
13
Kepha yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi : Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho, na?
14
Azisibo yini zonke omoya boku khonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yabayakudla ifa lokusindiswa na?