1 kaJohane Chapter 3
1
Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sithiwe singabantwana bakaNkulunkulu; futhi siyibo. Ngalokho izwe alisazi, ngokuba alimazanga yena.
2
Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu , kepha akukabonakali esiyakuba yikho . Siyazi ukuthi , nxa ebonakaliswa , siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo.
3
Bonke abanalo lelo themba kuye baya zihlambulula, njengokuba yena ehlambulukile.
4
Bonke abenza isono bayeqa nomthetho , ngokuba isono singukweqa umthetho.
5
Senazi ukuthi yena wabonakaliswa, ukuze asuse izono; akukho sono kuye.
6
Lowo ohlala kuye akoni; lowo owonayo akambonanga, futhi akamazi.
7
Bantwanyana, maningadukiswa muntu ; owenza ukulunga ulungile , njengokuba yena elungile;
8
owenza isono ungokaSathane , ngokuba uSathane uyona kwasekuqaleni . INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngalokhu , ukuze ichithe imisebenzi kaSathane.
9
Lowo ozelwe nguNkulunkulu akenzi isono , ngokuba imbewu yakhe ihlala kuye; futhi akanakona, ngokuba uzelwe nguNkulunkulu.
10
Ngalokho kubonakala abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaSathane; lowo ongenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu , naye ongamthandi umzalwane wakhe.
11
Nanti izwi enalizwayo kwasekuqaleni lokuba sithandane,
12
kungabi njengoKayini owaba ngowomubi , wabulala umfowabo ; wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe yayimibi , kepha eyomfowabo yayilungile. Uthando lwabazalwane
13
Ningamangali, bazalwane, uma izwe linizonda.
14
Siyazi ukuthi sidlulile ekufeni , sangena ekuphileni , ngokuba sithanda abazalwane; ongathandiyo uhlezi ekufeni.
15
Lowo ozonda umzalwane wakhe ungumbulali ; niyazi ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade okuhlezi kuye.
16
Uthando silw azi ngalokho ukuthi yena wabeka ukuphila kwakhe ngenxa yethu; nathi sifanele ukubeka ukuphila ngenxa yabazalwane.
17
Kepha yena onemfuyo yezwe , ebona umzalwane wakhe eswele , amvalele isihawu sakhe, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na?
18
Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi , kodwa ngezenzo nangeqiniso. Ukuba nesibindi phambi kukaNkulunkulu
19
Ngalokho siyazi ukuthi singabeqiniso ; sizakuyithulisa inhliziyo yethu phambi kwakhe
20
ngokuthi uma inhliziyo yethu isilahla , uNkulunkulu mkhulu kune nhliziyo yethu, futhi uyazi konke.
21
Bathandekayo, uma inhliziyo ingasilahli, sinesibindi kuNkulunkulu,
22
nesikucelayo siyakukwamukeliswa nguye, ngokuba sigcina imiyalo yakhe , senza okuthandekayo ebusweni bakhe.
23
Yilo umyalo wakhe ukuba sikholwe egamen i leNdodana yakhe uJesu Kristu, sithandane, njengokuba asinika umyalo.
24
Ogcina imiyalo yakhe uhlala kuye , naye uqobo uhlala kuye ; siyazi ngalokho ukuthi uhlala kithi ngaye uMoya asinike yena.