2 iziKronike Chapter 11
1
URehobowamu esefikile eJerusalema wabutha indlu yakwaJuda noBenjamini, abantu abakhethiweyo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihiyagalombili , amabutho, ukuba balwe no -Israyeli, bawubuyisele umbuso kuRehobowamu.
2
Lase lifika izwi likaJehova kuShemaya umuntu kaNkulunkulu, lathi:
3
Khuluma kuRehobowamu indodana kaSolomoni, inkosi yakwaJuda, nakuye wonke u-Israyeli kwaJuda noBenjamini, ngokuthi:
4
Usho kanje uJehova , uthi: Aniyikukhuphuka, ningalwi nabafowenu ; buyelani, kube yilowo nalowo endlini yakhe , ngokuba le nto ivela kimi . Balalela amazwi kaJehova, babuya ekumhlaseleni uJerobowamu. Ukwakha kukaRehobowamu
5
URehobowamu wahlala eJerusalema , wakha imizi ukuba ibe yizinqaba kwaJuda.
6
Wakha iBetlehema, ne-Etamu, neThekhowa,
7
neBeti Suri, neSoko, ne-Adulamu,
8
neGati, neMaresha, neZifi,
9
ne-Adorayimi, neLakishi, ne-Azeka,
10
neSora, ne-Ajaloni, neHebroni, ekwaJuda nakwaBenjamini , imizi ebiyelweyo.
11
Waziqinisa izinqaba, wabeka izinduna kuzo, nokudla, namafutha, newayini.
12
Emizini yonke , yileyo naleyo , wabeka izihlangu nemikhonto , wayiqinisa kakhulu impela. ElakwaJuda nelakwaBenjamini lalingelakhe. Abapristi namaLevi baya kwaJuda
13
Abapristi namaLevi ayekwa -Israyeli wonke bazihlanganisa naye bephuma emikhawulweni yonke.
14
Ngokuba amaLevi ashiya amadlelo awo nefa lawo , aya kwaJuda naseJerusalema, ngokuba uJerobowamu namadodana akhe bawalahla ukuba angabe esaba ngabapristi bakaJehova,
15
wazimisela abapristi bezindawo eziphakemeyo , nabamademoni, nabamathole awenzileyo.
16
Emva kwabo kwaphuma ezizweni zonke zakwa -Israyeli abanhliziyo zabo zibhekiswe ukufuna uJehova uNkulun kulu wakwa -Israyeli, bafika eJerusalema ukuhlabela uJehova uNkulunkulu wawoyise.
17
Base bewuqinisa -ke umbuso wakwaJuda , benza uRehobowamu indodana kaSolomoni waba namandla iminyaka emithathu , ngokuba bahamba iminyaka emithathu endleleni kaDavide noSolomoni. Abafazi nabantwana bakaRehobowamu
18
URehobowamu wazithathela umfazi , uMahalati, indodakazi kaJerimoti indodana kaDavide neka-Abihayili, indodakazi ka-Eliyabe, indodana kaJese.
19
Wamzalela amadodana: ngoJewushe, noShemariya, noZahamu.
20
Emva kwakhe wath atha uMahakha, indodakazi ka-Abisalomu; wamzalela o-Abiya, no-Athayi, noZiza, noShelomiti.
21
URehobowamu wamthanda uMahakha indodakazi ka-Abisalomu phezu kwabo bonke abafazi bakhe nezancinza zakhe , ngokuba wathatha abafazi abayishumi nesishiyagalombili nez ancinza ezingamashumi ayisithupha , wazala amadodana angamashumi amabili nesishiyagalombili namadodakazi angamashumi ayisithupha.
22
URehobowamu wabeka u -Abiya, indodana kaMahakha, abe yinhloko, abe ngumbusi phakathi kwabafowabo, ngokuba wacabanga ukumbeka inkosi.
23
Wenza ngokuhlakanipha, wahlakaza onke amadodana akhe emazweni onke akwaJuda noBenjamini , emizini yonke ebiyelweyo, wawanika ukudla okuningi, wawafunela abafazi abaningi.