Skip to Content

2 iziKronike Chapter 12

1 Kwathi lapho umbuso kaRehobowa mu usuqinisiwe , yena esenamandla , washiya umthetho kaJehova no-Israyeli wonke kanye naye. 2 Kepha kwathi ngomnyaka wesihlanu wenkosi uRehobowamu , uShishaki inkosi yaseGibithe wakhuphukela eJerusalema , ngokuba babephambukile kuJehova, 3 enezinqola eziyinkulu ngwane namakhulu amabili , nabamahhashi abayizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha; abantu babengenakubalwa abaphuma naye eGibithe: ngamaLubi, namaSuki, namaKushe. 4 Wayithatha imizi ebiyelweyo yakwaJuda, wafika eJerusalema. Esinye isiprofetho sikaShemaya 5 Wayesefika uShemaya umprofethi kuRehobowamu nasezikhulwini zakwaJuda ezazibuthene eJerusalema ngenxa kaShishaki , wathi kubo: Usho kanje uJehova, uthi: Nina ningishiyile; ngalokho nami nginishiyile esandleni sikaShishaki. 6 Zase zizithoba izikhulu zakwa-Israyeli nenkosi, bathi: UJehova ulungile. 7 Lapha uJehova ebona ukuthi bayazithoba , kweza izwi likaJehova kuShemaya, lathi: Bazithobile; angiyikubachitha, kepha ngiyakubakhulula emva kwesikhashana , nentukuthelo yami ayiyikuthululelwa phezu kweJerusalema ngesandla sikaShishaki. 8 Nokho bayakuba yizinceku zakhe ukuba bazi inkonzo yami nenkonzo yemibuso yezizwe. UShishaki usukela iJerusalema 9 UShishaki, inkosi yaseGibithe , wakhuphukela eJerusalema , wathatha ingcebo yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi , yebo, wathatha konke, wathatha izihlangu zegolide ezenziwe nguSolomoni. 10 Inkosi uRehobowamu yenza izihlangu zethusi esikhundleni sazo , yazinikela ezandleni zezinduna zabalindi abagcina umnyango wendlu yenkosi. 11 Kwathi njalo uma inkosi ingena endlini kaJehova , zafika izigijimi zizithwele, zazibuyisela ekamelweni labalindi. 12 Kepha lapho esezithoba , intukuthelo kaJehova yabuya kuye ukuba angamchithi ngokupheleleyo, futhi kwakusekhona nokuhle kwaJuda. 13 Inkosi uRehobowamu yayisiziqinisa -ke eJerusalema yabusa , ngokuba uRehobowamu wayeneminyaka engamashumi amane nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa ; wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa eJerusalema , umuzi uJehova awukhethileyo ezizweni zonke zakwa -Israyeli ukuba abeke khona igama lakhe; igama likanina lalinguNahama umAmonikazi. 14 Wenza okubi, ngokuba akabhekisanga inhliziyo yakhe ukumfuna uJehova. 15 Izindaba zikaRehobowamu , ezokuqala nezokugcina , angithi zilotshiwe ezindabeni zikaShemaya umprofethi nezika -Ido umboni , zibhalwe ngezizukulwane, na? Kwakukhona njalo ukulwa phakathi kukaRehobowamu noJerobowamu. 16 URehobowamu wayeselala koyise , wembelwa emzini kaDavide ; u-Abiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.