2 iziKronike Chapter 10
1
URehobowamu waya eShekemi , ngokuba wonke u -Israyeli wayefikile eShekemi ukumbeka inkosi.
2
Kwathi lapho uJerobowamu indodana kaNebati ekuzwile ngokuba wayeseGibithe, lapho ayebalakele khona, ebalekele ubuso benkosi uSolomoni uJerobowamu wabuya eGibithe.
3
Bathuma bambiza ; uJerobowamu naye wonke u -Israyeli beza , bakhuluma kuRehobowamu, bathi:
4
Uyihlo wenza ijoka lethu laba lukhuni ; ngalokho yenza wena ube lula umsebenzi olukhuni kayihlo nejoka lakhe elisindayo owalibeka phezu kwethu, siyakukukhonza.
5
Wathi kubo: Buyelani kimi emva kwezinsuku ezintathu. Basuka-ke abantu.
6
Inkosi uRehobowamu yelulekana namalunga ayemile phambi kukaSolomoni uyise esekhona , yathi: Nina ningeluleka ukubuyisela mpenduloni kulaba bantu na?
7
Akhuluma kuye , athi: Uma uzakuba muhl e kulaba bantu , ubathokozise, ukhulume amazwi amahle kubo, bayakuba yizinceku zakho izinsuku zonke.
8
Kepha walahla isiluleko samalunga ameluleke ngaso, welulekana nezinsizwa eziyintanga yakhe, ezazimi phambi kwakhe.
9
Wathi kuzo : Nina niluleka ukuba sibuyis e mpenduloni kulaba bantu abakhulume kimi ngokuthi : Yenza ijoka uyihlo alibeka phezu kwethu libe lula, na?
10
Zase zikhuluma kuye izinsizwa eziyintanga yakhe , zithi: Uyakusho kanje kubantu abakhulume kuwe ngokuthi : U yihlo walenza ijoka lethu lasinda , kepha wena ulenze libe lula kithina , uyakusho kubo kanje ukuthi: Ucikicane wami mkhulu kunokhalo lukababa.
11
Manje ubaba wanithwesa ijoka elisindayo , mina ngiyakwenezela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngawofezela.
12
UJerobowamu nabantu bonke ba se befika kuRehobowamu ngosuku lwesithathu njengokusho kwenkosi ithi: Buyelani kimi ngosuku lwesithathu.
13
Inkosi yabaphendula kalukhuni ; inkosi uRehobowamu yalahla isiluleko samalunga,
14
yakhuluma kubo njengesiluleko sezinsizwa ngokuthi : Ubaba walenza ijo ka lenu lasinda , mina ngiyakwenezela kulo ; ubaba wanishaya ngesiswebhu , mina ngawofezela.
15
Inkosi ayibalalelanga abantu , ngokuba kwakuyisiyiba esivela kuNkulunkulu, ukuze uJehova amise izwi lakhe alikhulumayo ngesandla sika-Ahiya waseShilo kuJerobowamu indodana kaNebati.
16
Wonke u-Israyeli esebonile ukuthi inkosi ayibalalelanga , abantu babuyisela izwi enkosini , bathi: Sinasabelo sini kuDavide na ? Ifa asinalo endodaneni kaJese. Yilowo nalowo makaye etendeni lakhe , Israyeli; zibhekele indlu yakho manje, Davide. Wayesesuka u-Israyeli wonke, waya ematendeni akhe.
17
Kepha abantwana bakwa -Israyeli abakhe emizini yakwaJuda , uRehobowamu wabusa phezu kwabo.
18
Inkosi uRehobowamu yathuma u -Adoramu owayephezu kwezisebenzi ; abantwana bakwa -Israyeli bamkhanda ngamatshe, wafa. Inkosi uRehobowamu yashesha ukukhwela inqola yayo ukuba ibalekele eJerusalema.
19
U-Israyeli wayeseyihlubuka-ke indlu kaDavide kuze kube namuhla.