UGenesise Chapter 48
1
Kwathi emva kwalezo zinto kwathiwa kuJosefa : Bheka, uyihlo uyagula . Wayesethatha amadodana akhe omabili, oManase no-Efrayimi.
2
Kwase kushiwo kuJakobe ukuthi : Bheka, indodana yakho uJosefa iyeza kuwe. Wayeseziqinisa u-Israyeli, wahlala embhedeni.
3
UJakobe wathi kuJosefa : UNkulunkulu uSomandla wabonakala kimi eLuze ezweni laseKhanani, wangibusisa,
4
wathi kimi : Bheka, ngizakukuchumisa, ngikwandise, ngikwenze izizwe eziningi, ngiyiphe inzalo yakho leli zwe emva kwakho libe yifa elingunaphakade.
5
Manje amadodana akho amabili owazalelwa wona ezweni laseGibithe , ngingakafiki kuwe eGibithe , angawami; o-Efrayimi noManase njengoRubeni noSimeyoni bazakuba ngabami.
6
Kepha inzalo yakho oyizala emva kwabo izakuba ngeyakho ; iyakubizwa ngegama labafowabo efeni lalabo.
7
Kepha mina ekusukeni kwami ePhadani Aramu ngafelwa nguRaheli endleleni ezweni laseKhanani, kuse yibangana ukuya e-Efrati; ngammbela khona endleleni eya e-Efrati (eliyiBetlehema).
8
U-Israyeli wabona amadodana kaJosefa, wathi: Ngobani laba na?
9
UJosefa wathi kuye : Ngamadodana ami angiphe wona lapha uNkulunkulu . Wayesethi: Ake uwalethe kimi, ngiwabusise.
10
Kepha amehl o ka -Israyeli ayefiphele ngobudala , engasenakubona; wawasondeza kuye; wawanga, wawagona.
11
Wayesethi u -Israyeli kuJosefa : Ngangingacabanganga ukuthi ngizakubona ubuso bakho; bheka, uNkulunkulu ungibonise nenzalo yakho.
12
UJosefa wawakhipha emathangeni akhe ; wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi.
13
UJosefa wayesebathatha bobabili , u-Efrayimi ngesokunene , engakwesokhohlo sika -Israyeli, noManase ngesokhohlo , engakwesokunene sika-Israyeli, wabasondeza kuye.
14
U-Israyeli wayeselula isandla sakhe sokunene , wasibeka ekhanda lika - Efrayimi, kanti ungomncane, nesokhohlo ekhanda likaManase , ephambanisa izandla zakhe, ngokuba uManase wayeyizibulo.
15
Wambusisa uJosefa, wathi: UNkulunkulu abahamba ebusweni bakhe obaba o-Abrahama no-Isaka, uNkulunkulu ongondlile konke ukuhamba kwami kuze kube namuhla,
16
ingelosi engisindise ebubini bonke mayibusise abafana ; mababizwe ngegama lami nangegama lawobaba o -Abrahama no -Isaka; mabande, babe baningi phakathi kwezwe.
17
Wabona uJosefa ukuthi uyise wabeka isandla sakhe sokunene ekhanda lika- Efrayimi, kwaba kubi emehlweni akhe ; wasibamba isandla sikayise ukuba asisuse ekhanda lika-Efrayimi, asibeke ekhanda likaManase.
18
Wayesethi uJosefa kuyise : Kungabi njalo , ngokuba lo uyizibulo ; beka esokunene sakho ekhanda lakhe.
19
Kepha uyise wa la, wathi: Ngiyazi, ndodana yami, ngiyazi; naye uyakuba yisizwe, abe mkhulu naye; kodwa umfowabo uyakuba mkhulu kunaye, inzalo yakhe ibe yizizwe eziningi.
20
Wayesebabusisa ngalolo suku ngokuthi: Ngawe u-Israyeli uyakubusisa ethi: UNkulunkulu makakwenz e ube njengo-Efrayimi nanjengoManase . Wayesembeka-ke u-Efrayimi ngaphambi kukaManase.
21
Wayesethi u -Israyeli kuJosefa : Bheka, mina ngiyafa , kepha uNkulunkulu uyakuba nani, anibuyisele ezweni lawoyihlo.
22
Wena ngikunike olunye ukhalo ngaphezu kwabafowenu engalu thatha esandleni sama-Amori ngenkemba yami nangomnsalo wami.