ULevitikusi Chapter 8
1
UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2
Thabatha u-Aroni namadodana akhe kanye naye , nezambatho, namafutha okugcoba, nenkunzi yomnikelo wesono , nezinqama zombili , neqoma lezinkwa ezingenamvubelo,
3
ubuthele inhlangano yonke ngasemnyango wetende lokuhlangana.
4
UMose wenza njengalokho uJehova emyalile ; inhlangano yabuthelwa ngasemnyango wetende lokuhlangana.
5
UMose wayesethi kuyo inhlangano : Nansi into uJehova ayale ngayo ukuba yenziwe.
6
UMose waletha u-Aroni namadodana akhe, wabageza ngamanzi.
7
Wamfaka ibhantshi , wambhincisa ibhande , wamembathisa ijazi ; wamfaka ingubo yamahlombe, wambhincisa ibhande elifekethisiweyo lengubo yamahlombe, wayibophela kuye ngalo.
8
Wamfaka isihlangu sesifuba , nasesihlangwini sesifuba wabeka i -Urimi neThumimi.
9
Wafaka isigqoko ekhanda lakhe , nasesigqokweni ngaphambili wafaka ungcwecwe wegolide , umqhele ongcwele , njengalokho uJehova emyalile uMose.
10
UMose wathatha amafutha okugcoba, waligcoba itabernakele nakho konke okuphakathi kwalo, wakungcwelisa.
11
Wafafaza ngawo i-altare kasikhombisa , waligcoba i -altare kanye nezitsha zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo, ukuba kungcweliswe.
12
Wathela amafutha okugcoba ekhanda lika -Aroni, wamgcoba ukuba angcweliswe.
13
UMose wayeseletha amadodana ka -Aroni, wawembathisa amabhantshi , wawabhincisa amabhande , wawafaka izigqoko, njengalokho uJehova emyalile uMose.
14
Waletha nenkunzi yomnikelo wesono ; u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yenkunzi yomnikelo wesono.
15
Wayeseyihlaba; uMose wathatha igazi , walibheca ezimpondweni ze -altare nxazonke ngomunwe wakhe , waliphothula i -altare, walithulula igazi ngasesinqeni se-altare, walingcwelisa ukuba alenzele ukubuyisana.
16
Wathatha onke amanoni aphezu kwezibilini , namanoni aphezu kwesibindi, nezinso zombili namanoni azo, uMose wakushisa e-altare.
17
Kepha inkunzi nesikhumba sayo , nenyama yayo , nomswani wayo , wakushisa ngomlilo ngaphandle kwekamu , njengalokho uJehova emyalile uMose.
18
Wayeseletha inqama yomnikelo wokushiswa ; u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yenqama.
19
Wayihlaba, uMose wafafaza i-altare ngegazi nxazonke.
20
Wayeseyihlahlela inyama izitho; uMose washisa inhloko nezitho namanoni.
21
Wahlanza izibilini namanqina ngamanzi ; uMose washisa yonke inqama e - altare; yayingumnikelo wokushiswa , waba yiphunga elimn andi, umnikelo womlilo kuJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.
22
Waletha nenye inqama , inqama yokwahlukaniselwa; u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yenqama.
23
Wayihlaba; uMose wathatha igazi layo , walibheca esicutshini sendlebe yokunene ka -Aroni, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene , nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene.
24
Wayeseletha amadodana ka -Aroni, uMose walibheca igazi esicutshini sendlebe yabo yokunene, nasesithupheni sesandla sabo sokunene, nakuqukula wonyawo lwabo lokunene; uMose wafafaza i-altare ngegazi nxazonke.
25
Wawathatha amanoni , nomsila ononileyo , nawo onke amanoni aphezu kwezibilini, namanoni aphezu kwesibindi , nezinso zombili namanoni azo , nomlenze wokunene,
26
naseqomeni lezinkwa ezingenamvubelo elalisebusweni buka Jehova wathatha iqebelengwane laba linye elingenamvubelo , neqebelengwane laba linye lesinkwa samafutha, nomqathane munye, wakubeka phezu kwamanoni naphezu komlenze wokunene,
27
wakubeka konke ezandleni zika-Aroni, nasezandleni zamadodana akhe , wakuzulisa kwaba ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova.
28
UMose wayesekuthatha ezandleni zabo , wakushisa e -altare emnikelweni wokushiswa; kwakungokokwahlukaniselwa, kwaba yiphunga elimnandi , umnikelo womlilo kuJehova.
29
UMose wathatha isifuba, wasizulisa saba ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova; sasiyisabelo sikaMose sasenqameni yokwahlukaniselwa , njengalokho uJehova emyalile uMose.
30
UMose wayesethatha amafutha okugcoba , negazi elalise -altare, wafafaza ngalo u-Aroni nezambatho zakhe, namadodana akhe kanye naye, nezambatho zamadodana akhe , wangcwelisa u -Aroni nezambatho zakhe , namadodana akhe kanye naye, nezambatho zamadodana akhe.
31
Wathi uMose ku -Aroni nakumadodana akhe : Phekani inyama ngasemnyango wetende lokuhlangana , niyidle kanye nesinkwa esiseqomeni lokwahlukaniselwa, njengalokho ngayala ngathi : U-Aroni namadodana akhe bayakukudla.
32
Okuseleyo kwenyama nokwesinkwa anokushisa ngomlilo.
33
Ningaphumi emnyango wetende lokuhlangana izinsuku eziyisikhombisa , kungakapheli izinsuku zokwahlukaniselwa kwenu , ngokuba uyakunahlukanisela izinsuku eziyisikhombisa.
34
UJehova uyalile ukuba kwenziwe njengalokho kwenziwe namuhla , ukuze nenzelwe ukubuyisana.
35
Ngasemnyango wetende lokuhlangana niyakuhlala imini nobusuku izinsuku eziyisikhombisa, nisigcine isiyalezo sikaJehova , ukuze ningafi , ngokuba ngiyaliwe kanjalo.
36
U-Aroni namadodana akhe benza konke uJehova ayale ngakho ngesandla sikaMose.