ULevitikusi Chapter 9
1
Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili uMose wabiza u -Aroni namadodana akhe namalunga akwa-Israyeli,
2
wathi ku -Aroni: Mawuzithathele ithole lenkunzi , libe ngumnikelo wesono , nenqama ibe ngumnikelo wokushiswa, okungenasici, unikele ngakho phambi kukaJehova.
3
Khuluma kubantwana bakwa -Israyeli, uthi: Thathani impongo , ibe ngumnikelo wesono , nethole new undlu, omabili abe nomnyaka munye , angenasici, abe ngumnikelo wokushiswa,
4
nenkunzi nenqama zibe yiminikelo yokuthula , zihlatshwe phambi kukaJehova, nomnikelo wempuphu oxovwe namafutha , ngokuba namuhla uJehova uyabonakala kini.
5
Baletha-ke lokho uMose aku yalayo phambi kwetende lokuhlangana , nenhlangano yonke yasondela, yema phambi kukaJehova.
6
Wayesethi uMose : Nansi into uJehova ayala ngayo ukuba niyenze , kuze kubonakale kini inkazimulo kaJehova.
7
UMose wathi ku-Aroni: Sondela e-altare, unikele ngomnikelo wakho wesono nangomnikelo wakho wokushiswa , uzenzele wena nabantu ukubuyisana, andukuba unikele ngomnikelo wabantu , ubenzele ukubuyisana, njengalokho uJehova eyalile.
8
U-Aroni wayesesondela e -altare, walihlaba ithole lomnikelo wesono ongowakhe.
9
Amadodana ka-Aroni aletha igazi kuye ; wagcobhoza umunwe egazini , walibheca ezimpondweni ze -altare, wathulula elinye igazi ngasesinqeni se - altare;
10
kepha amanoni nezinso namanoni aphezu kwesibindi emnikelweni wesono wakushisa e-altare, njengalokho uJehova emyalile uMose.
11
Inyama nesikhumba wakushisa ngomlilo ngaphandle kwekamu.
12
Wawuhlaba umnikelo wokushiswa; amadodana ka-Aroni aletha kuye igazi , wafafaza ngalo i-altare nxazonke.
13
Anikeza kuye umnikelo wokushiswa izitho ngezitho kanye nenhloko , wakushisa e-altare.
14
Wahlanza izibilini namanqina , wakushisa phezu komnikelo wokushiswa e - altare.
15
Wayeseletha umnikelo wabantu , wathatha impongo yomnikelo wesono ongowabantu, wayihlaba, wanikela ngayo ngenxa yesono njengowokuqala.
16
Waletha umnikelo wokushiswa, wanikela ngawo njengokwesimiso.
17
Wayeseletha umnikelo wempuphu , wagcwalisa isandla sakhe ngawo , wawushisa e-altare ngaphandle komnikelo wokushiswa wasekuseni.
18
Wahlaba inkunzi nenqama , zibe ngumhlatshelo weminikelo yokuthula ongowabantu; amadodana ka-Aroni aletha kuye igazi owafafaza ngalo i-altare nxazonke,
19
namanoni enkunzi nawenqama , nomsila ononileyo , nalawo asibekela izibilini, nezinso, namanoni esibindi,
20
abeka amanoni phezu kwezifuba; wawashisa amanoni e-altare;
21
izifuba nomlenze wokunene wakuzulisa, kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova, njengalokho uMose eyalile.
22
U-Aroni waphakamisela izandla zakhe kubantu , wababusisa; wayesehla ekunikeleni ngomnikelo wesono nangomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula.
23
OMose no-Aroni bangena etendeni lok uhlangana, babuye baphuma , bababusisa abantu; yayisibonakala inkazimulo kaJehova kubantu bonke.
24
Kwaphuma umlilo ngaphambi kukaJehova , waqeda umnikelo wokushiswa namanoni e-altare; sebekubona abantu bonke bananela, bakhothamela phansi ngobuso.