Skip to Content

UNumeri Chapter 27

1 Kwase kusondela amadodakazi kaSelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakiri kaManase, awemindeni kaManase indodana kaJosefa ; lawa angamagama amadodakazi akhe: oMahela, noNowa, noHogila, noMilka, noTirisa. 2 Ema phambi kuk aMose naphambi kuka -Eleyazare umpristi , naphambi kwezikhulu, naphambi kwayo yonke inhlangano ngasemnyango wetende lokuhlangana, athi: 3 Ubaba wafela ehlane ; wayengekho phakathi kweviyo labahlanganyela uJehova kulo iviyo likaKora; kepha wafa ngesakhe isono engenamadodana. 4 Igama likababa liyakusulelwani emndenini wakhe , lokhu engenandodana na? Siphe ifa phakathi kwabafowabo bakababa. 5 UMose wayiletha indaba yawo phambi kukaJehova. 6 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 7 Amadodakazi kaSelofehadi akhulume kahle; uyakuwanika nokuwanika izwe eliyifa phakathi kwabafowabo bakayise ngokulidlulisela kuwo ifa likayise. 8 Wokhuluma kubantwana bakwa -Israyeli ngokuthi : U ma umuntu efa engenandodana, wolidlulisela ifa lakhe kuyo indodakazi yakhe. 9 Uma engenandodakazi, niyakunika abafowabo ifa lakhe. 10 Uma engenabafowabo, niyakunika abafowabo bakayise ifa lakhe. 11 Uma uyise engenabafowabo , niyakunika isihlobo sakhe esiseduze naye emndenini wabo ifa lakhe , alidle. Lokhu kuyakuba yisimiso sesahlulelo kubantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uJehova emyalile uMose. Ukumiswa kukaJoshuwa abe ngumholi 12 UJehova wathi kuMose : Khuphukela entabeni yase -Abarimi, ubheke izwe engibanikile lona abantwana bakwa-Israyeli. 13 Lapho ulibonile , nawe uyakubuthelwa kubantu bakini , njengalokho wabuthwa u-Aroni, 14 ngokuba ehlane laseSini ekulweni kwenhlangano nahlubuka ezwini lami lokungingcwelisa ngasemanzini phambi kwamehlo abo . Lawa angamanzi aseMeriba laseKadeshi ehlane laseSini. 15 UMose wayesekhuluma kuJehova, wathi: 16 UJehova uNkulunkulu wemimoy a yenyama yonke makamise umuntu phezu kwenhlangano, 17 ongaphuma phambi kwabo, angene phambi kwabo, abakhiphe, abangenise, ukuze inhlangano kaJehova ingabi njengezimvu ezingenamalusi. 18 UJehova wathi kuMose : Zithabathele uJoshuwa indodana kaNuni , umuntu onomoya, ubeke isandla sakho phezu kwakhe, 19 ummise ngaphambi kuka -Eleyazare umpristi naphambi kwayo yonke inhlangano, umnike isikhundla emehlweni abo. 20 Uyakubeka udumo lwakho phezu kwakhe ukuba yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ilalele. 21 Uyakuma p hambi kuka -Eleyazare umpristi oyakumbuzela ngokunquma kwe-Urimi phambi kukaJehova; ngezwi lakhe bayakuphuma nangezwi lakhe bayakungena, yena nabo bonke abantwana bakwa -Israyeli kanye naye, yebo, yonke inhlangano. 22 UMose wenza -ke njengalokho uJehova emyali le; wamthatha uJoshuwa , wambeka phambi kuka-Eleyazare umpristi naphambi kwenhlangano yonke, 23 wabeka izandla zakhe phezu kwakhe , wamnika isikhundla , njengalokho uJehova ekhulumile ngesandla sikaMose.