UHezekeli Chapter 31
1
Kwathi ngomnyaka weshumi nanye ngenyanga yesithathu ngolokuqala lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi:
2
Ndodana yomuntu, thana kuFaro inkosi yaseGibithe nases ixukwini sakhe: Ufana nobani ebukhulwini bakho na?
3
Bheka, ungumkhoba, ungumsedari waseLebanoni; unamagatsha amahle , namaqabunga anomthunzi , nesiqu esiphakemeyo ; isihloko sawo siphakathi kwamafu.
4
Amanzi awukhulisa , utwa lwawuphakamisa ; imifula yawo yahamb a yazungeza indawo yokutshalwa kwawo ; yayisithuma imisele yayo kuyo yonke imithi yasendle.
5
Ngalokho isiqu sawo sasiphakeme kunayo yonke imithi yasendle ; izingatsha zawo zandiswa , namagatsha awo elulw a ngamanzi amaningi ekuwaxhantiseni kwawo.
6
Zonke iziny oni zezulu zakha emagatsheni awo , zonke izilwane zasendle zazalela phansi kwezingatsha zawo ; emthunzini wawo zahlala zonke izizwe ezinkulu.
7
Wawusumuhle ebukhulwini bawo , ngobude bamagatsha awo , ngokuba impande yawo yayingasemanzini amaningi.
8
Imisedari ya sensimini kaNkulunkulu yayingenakuwusitha , imisayipuresi yayingafani nezingatsha zawo , nemipelatani yayingenjengamagatsha awo , futhi kwakungekho nowodwa umuthi ensimini kaNkulunkulu ofana nawo ngobuhle.
9
Ngawenza waba muhle ngobuningi bamagatsha awo , imithi yonke yase - Edene eyayisensimini kaNkulunkulu yaze yaba nomhawu.
10
Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngenxa yokuba uphakeme ngobude, wabeka isihloko sawo phakathi kwamafu , nenhliziyo yakhukhumala ngokuphakama kwawo,
11
ngiyakuwunikela esandleni so namandla wezizwe uyakwenza nokwenza kuye njengobubi bawo ngiwuxoshe.
12
Abafokazi, abesabekayo bezizwe , bawunqumile, bawushiya. Amagatsha awo awele ezintabeni nasezigodini , nezingatsha zawo zaphukile kuyo yonke imifudlana yezwe, nabo bonke abantu behlile emthunzini wawo, bawushiya.
13
Encithakalweni yawo kuyakuhlala zonke izinyoni zezulu , zonke izilwane zasendle zibe semagatsheni awo
14
ukuba kungabikho muthi ngasemanzini okhukhumala ngokuphakama kwawo, ungabeki isihloko sawo emafwini , yebo, nenamandla ingemi ngokuziphakamisa, yonke ephuze amanzi ; ngokuba yonke inikelwe ekufeni kokuphansi komhlaba phakathi kwabantwana babantu , kwabehlelayo egodini.
15
Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngosuku owehlela ngalo endaweni yabafileyo ngalwenza utwa ukuba lulile , ngalusibekela, ngavimba imifula yalo, namanzi amaningi avalelwa ; ngalenza iLebanoni libe mnyama ngenxa yawo; imithi yonke yasendle yadangala ngenxa yawo.
16
Ngomdumo wokuwa kwawo ngathuthumelisa izizwe , lapho ngiwehlisela endaweni yabafileyo kanye nabehlel a ego dini; yonke imithi yase -Edene ekhethekileyo nemihle yaseLebanoni , yonke ephuze amanzi , yaduduzwa kokuphansi komhlaba.
17
Nayo yehlela kanye nawo endaweni yabafileyo kwabagwaziweyo ngenkemba, ababe yingalo yawo , ababehlela emthunzini wawo phakathi kwezizwe.
18
Pho, ufana nobani ngodumo nangobukhulu phakathi kwemithi yase-Edene na? Nokho uyakwehliselwa kokuphansi komhlaba kanye nemithi yase -Edene, ulale phakathi kwabangasokile nabagwazwe ngenkemba . Lo unguFaro nesixuku sakhe sonke, isho iNkosi uJehova.