Skip to Content

1 uSamuweli Chapter 21

1 UDavide wayeseya eNobi ku -Ahimeleki umpristi ; u-Ahimeleki waya ukumhlangabeza uDavide ethuthumela , wathi ku ye: Yini ukuba uwedwa , kungekho muntu nawe, na? 2 UDavide wathi ku-Ahimeleki umpristi: Inkosi ingiyalezile udaba, yathi kimi: Makungazi muntu ngalolu daba engikuthuma ngalo nengikuyale ngalo . Izinsizwa zami ngizazisile indawo ethile. 3 Manje kuyini okuphansi kwesandla sakho na ? Nginike esandleni sami izinkwa eziyisihlanu noma kuyini okukhona. 4 Umpristi wamphendula uDavide , wathi: Asikho isinkwa esivamileyo nje phansi kwesandla sami , kepha kukhona isinkwa esingcwele , uma izinsizwa zizigcinile esifazaneni kuphela. 5 UDavide wamphendula umpristi , wathi: Impela abesifazane bavinjelwe kithina ngalezi zinsuku ; izinto zezinsizwa zazingcwele ekuphumeni kwami ; noma kuyindlela evamileyo nje, izinto zazo zisengcwele nanamuhla. 6 Umpristi wayesemnika isinkwa esingcwele , ngokuba kwakungekho sinkwa lapho, isinkwa sokubukwa kuphela , ebesisusiwe phambi kukaJehova ukuba kubekwe isinkwa esisashisayo mhla sisuswa. 7 Kepha umuntu othile wezinceku zikaSawule wayelapho ngalolo suku , ebambekile phambi kukaJehova , ogama lakhe lalingu Dowegi wabakwa - Edomi, omkhulu wabelusi bakaSawule. 8 UDavide wathi ku -Ahimeleki: Akukho lapho phansi kwesandla sakho umkhonto noma inkemba na? Ngokuba angifikanga nenkemba yami nezikhali zami, ngokuba udaba lwenkosi lwalusheshisa. 9 Wayesethi umpristi : Inkemba kaGoliyati umFilisti owambulala esigodini sase-Ela, bheka, ilapho, isongiwe ngengubo emva kwengubo yamahlombe . Uma uthanda ukuyithatha, yithathe, ngokuba ayikho lapha enye ngaphandle kwayo. UDavide wathi: Ayikho enjengayo; nginike yona. 10 Wayesesuka uDavide, wabaleka ngalolo suku ngokwesaba uSawule , waya ku-Akhishi inkosi yaseGati. 11 Izinceku zika -Akhishi zathi kuye : Lo akasiye uDavide , inkosi yezwe , na? Abavumelananga yini ngaye omunye nomunye , besina bethi : USawule ubulele izinkulungwane zakhe , kepha uDavide izinkulungwane zakhe eziyishumi, na? 12 UDavide wabeka lawo mazwi enhliziyweni yakhe , wamesaba kakhulu u - Akhishi inkosi yaseGati. 13 Waguquka ingqondo phambi kwabo , wazenza ohlanyayo ezandleni zabo , wadweba ezivalweni zamasango, wehlisela amathe esilevini. 14 U-Akhishi wayesethi ezincekwini zakhe : Bheka, uyabona ukuthi lo muntu uyahlanya; nimletheleni kimi na? 15 Ngiswele izinhlanya yini ukuba nimlethe lo muntu ukuzenza uhlanya ebusweni bami na? Angene endlini yami lona na?