Skip to Content

1 AmaKhosi Chapter 12

1 URehobowamu waya eShekemi , ngokuba wonke u -Israyeli wayefikile eShekemi ukumbeka inkosi. 2 Kwathi lapho uJerobowamu indodana kaNebati ekuzwile -- ngokuba wayeseGibithe, lapho ayebalekele khona , ebalekele ubuso benkosi uSolomoni; wahlala-ke uJerobowamu eGibithe, 3 kepha bathuma bambiza -- uJerobowamu nebandla lonke lakwa -Israyeli beza, bakhuluma kuRehobowamu, bathi: 4 Uyihlo wenza ijoka lethu laba lukhuni ; ngalokho yenza wena ube lula umsebenzi olukhuni kayihlo nejoka lakhe elisindayo owalibeka ph ezu kwethu, siyakukukhonza. 5 Wathi kubo: Hambani izinsuku zibe zintathu, bese nibuyela kimi. Basuka-ke abantu. 6 Inkosi uRehobowamu yelulekana namalunga ayemile phambi kukaSolomoni uyise, esekhona, yathi: Nina ningeluleka ukubuyisela mpenduloni kulaba bantu na? 7 Akhuluma kuye , athi: Uma uyakuba yinceku yalaba bantu namhla nje , ubakhonze, ubaphendule, ukhulume amazwi amahle kubo , bayakuba yizinceku zakho izinsuku zonke. 8 Kepha walahla isiluleko samalunga ameluleke ngaso, welulekana nezinsizwa eziyintanga yakhe, ezazimi phambi kwakhe. 9 Wathi kuzo : Nina ningeluleka ukuba sibuyisele mpenduloni kulaba bantu abakhulume kimi ngokuthi : Yenza ijoka uyihlo alibeka phezu kwethu libe lula, na? 10 Zase zikhuluma kuye izinsizwa eziyintanga yakhe , zithi: Uyakusho kanje kulaba bantu abakhulume kuwe ngokuthi : U yihlo walenza ijoka lethu lasinda, kepha wena ulenze libe lula kithina, uyakukhuluma kanje kubo, uthi: Ucikicane wami mkhulu kunokhalo lukababa. 11 Manje ubaba wanithwesa ijoka elisindayo , mina ngiyakwenezela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngiyakunishaya ngawofezela. 12 UJerobowamu nabantu bonke base befika kuRehobowamu ngosuku lwesithathu njengokusho kwenkosi, ithi: Buyelani kimi ngosuku lwesithathu. 13 Inkosi yaphendula abantu kalukhuni , yalahla isiluleko samalunga ameluleke ngaso, 14 yakhuluma kubo njengesiluleko sezinsizwa ngokuthi : Ubaba walenza ijoka lenu lasinda , mina ngiyakwenezela ejokeni lenu ; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngiyakunishaya ngawofezela. 15 Inkosi ayilalelanga abantu , ngokuba kwakuyi siyiba esivela kuJehova , ukuze amise izwi lakhe uJehova alikhulumayo ngesandla sika -Ahiya waseShilo kuJerobowamu indodana kaNebati. 16 Wonke u-Israyeli esebonile ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu babuyisela izwi enkosini , bathi: Sinasabelo sini kuDavide na? Ifa asinalo endodaneni kaJese. Yana ematendeni akho , Israyeli, zibhekele indlu yakho manje , Davide. Wayesesuka u-Israyeli, waya ematendeni akhe. 17 Kepha abantwana bakwa -Israyeli abakhe emizini yakwaJuda , uRehobowamu wabusa phezu kwabo. 18 Inkosi uReho bowamu yathuma u-Adoramu owayephezu kwezisebenzi ; u- Israyeli wonke wamkhanda ngamatshe, wafa. Inkosi uRehobowamu yashesha ukukhwela inqola yayo ukuba ibalekele eJerusalema. 19 U-Israyeli wayeseyihlubuka-ke indlu kaDavide kuze kube namuhla. Ukumiswa kukaJerobowamu; isiprofetho sikaShemaya 20 Kwathi wonke u -Israyeli esezwile ukuthi uJerobowamu ubuyile , bathuma bambizela emhlanganweni , bambeka inkosi phezu kuka -Israyeli wonke ; akubangakho muntu olandela indlu kaDavide, isizwe sakwaJuda kuphela. 21 URehobowamu es efikile eJerusalema wabutha yonke indlu yakwaJuda nesizwe sakwaBenjamini , abantu abakhethiweyo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili , amabutho, ukuba balwe nendlu yakwa-Israyeli, bawubuyisele umbuso kuRehobowamu indodana kaSolomoni. 22 Lase lifika izwi likaNkulunkulu kuShemaya umuntu kaNkulunkulu, lathi: 23 Khuluma kuRehobowamu indodana kaSolomoni inkosi yakwaJuda, nakuyo yonke indlu yakwaJuda neyakwaBenjamini, nakubantu abaseleyo, ngokuthi: 24 Usho kanje uJehova , uthi: Aniyikukhuphuka, ningalwi nabafowenu abantwana bakwa -Israyeli; buyelani, kube yilowo nalowo endlini yakhe , ngokuba le nto ivela kimi . Balalela izwi likaJehova , babuya, bahamba njengokusho kukaJehova. 25 UJerobowamu waqinisa iShekemi ezintabeni zakwa -Efrayimi, wahlala khona; waphuma lapho, waqinisa iPhenuweli. 26 UJerobowamu wathi enhliziyweni yakhe : Manje umbuso uyakubuyela endlini kaDavide. 27 Uma laba bantu benyuka ukunikela ngemihlatshelo endlini kaJehova eJerusalema, inhliziyo yalaba bantu iyakuphindela enkosini yabo , kuRehobowamu inkosi yakwaJuda , bangibulale mina , babuyele kuRehobowamu inkosi yakwaJuda. 28 Inkosi isithathe isiluleko , yenza amathole amabili egolide , yathi kubo : Sekwanele ukuba nikhuphukele eJerusalema ; bheka onkulunkulu bakho , Israyeli, abakukhuphula ezweni laseGibithe. 29 Wabeka elinye eBethele, elinye walibeka kwaDani. 30 Leyo nto yaba yisono, ngokuba abantu baya phambi kwelinye nakwaDani. 31 Wakha nezindlu zezindawo eziphakemeyo , wenza abapristi ngeningi labantu abangesiwo amadodana kaLevi. 32 UJerobowamu wagubha umkhosi ngenyanga yesishiyagalombili ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga njengomkhosi wakwaJuda , wenyukela e - altare; wenze njalo eBethele ukuba ahlabele amathole awenzileyo ; wabeka eBethele abapristi bezindawo eziphakemeyo azenzileyo. 33 Wayesenikela e -altare alenzileyo ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesishiyagalombili, inyanga abeyinqumile ngokwakhe nje ; wenzela abantwana bakwa-Israyeli umkhosi, wenyukela e-altare ukushisa impepho.